Izindaba

I-Natu ikwamukele ukubuyiselwa kothisha abebemisiwe emsebenzini

Khulekani Maseko|Published

INYUNYANA yothisha, iNational Teachers Union, ikwamukele ukubuyiselwa emsebenzini kothisha abangu-11 abebefundisa eMlazi Comtech, okuthiwa babemiswe wuMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, ngoba kuthiwa bagoloza ukuyiswa kwezinye izikole ngokohlelo olulawula isibalo sothisha ezikoleni olubizwa ngePost Provision Norm.

Labo thisha babengayizwa eyokuyiswa kwezinye izikole ezishoda ngothisha ngokuyalelwa wumnyango kodwa babevuka beyoqhinqa kulesi sikole nsuku zonke. Babengavunyelwe ukuthi bafundise, okwaze kwaholela ekutheni umnyango uthathe izinyathelo zokubamisa emsebenzini.

Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe yile nyunyana kwabezindaba, ngenyanga edlule umnyango ukuhoxisile ukumiswa kwabo, wanquma ukuthi babuyele ezikoleni abayalelwe ukuthi bafundise kuzo kodwa izinyanga ezimbili abangazisebenzanga ngeke zikhokhelwe.

I-Natu ithe kuyashaqisa ukumiswa kwalaba othisha babekwe icala lokulaxaza umsebenzi ekubeni babaziwa ukuthi bakuphi futhi bekwazi ukutholwa ezingcingweni.

Le nyunyana isole uthishomkhulu kulesi sikole ngokukhipha inyumbazana othisha abangaphansi kwale nyunyana, yaveza nokuthi ubebasabisa esebenzisa amandla akhe njengomphathi. Inxuse umnyango ukuthi uziphenye lezi zinsolo.

UMengameli wale nyunyana osabambile, uMnuz Sibusiso Malinga, uthe bayasemukela isinqumo sokubuyiselwa kwalabo othisha, wathi umnyango ubungeke ukwazi ukulahlekelwa yibona njengoba benamava ekufundiseni.

“Kumele bathathelwe izinyathelo labo abagxambukela emalungelweni abanye okuzikhethela inyunyana abafuna ibamele. Impilo yaloba othisha ibisishintshile njengoba bebengaholi izinyanga ezimbili ezidlule,” kusho uMalinga.

Imizamo yokuthola uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ayiphumelelanga njengoba imibuzo abathunyelelwe yona kuze kwashaya isikhathi sokushicilela ingakaphendulwa.