Izindaba

Akumkhathazi ukuphela komdlalo

Nonjabulo Bhengu|Published

UMESHACK Mavuso uzobe edidiyela futhi eqondisa umculo emdlalweni weshashalazi, uShaka Zulu Isithombe: Instagram

UMLINGISI wethelevishini ophinde abe umqondisi wemidlalo, uMeshack Mavuso-Magabane (47), obonakala emdlalweni wethelevishini iDurban Gen, uthi usazoqhubeka nokuba matasa yize umdlalo uphela.

UMeshack uveze ukuthi kuyimanje umatasa kakhulu njengoba eqondisa umculo emdlalweni weshashalazi iShaka Zulu: The Gaping Wound, ozokhonjiswa kusukela ngoMeyi 28, ePlayhouse Company eThekwini.

Kulo mdlalo kulingisa uThembinkosi Chagwe (onguShaka Zulu), Nkanyiso Bhengu (Dingane) noMduduzi Mabaso (Shongweni).

UMESHACK Mavuso uzobe edidiyela futhi eqondisa umculo emdlalweni weshashalazi, uShaka Zulu Isithombe: Instagram

UMeshack ekhuluma neSolezwe ngoMgqibelo uthe yize kungekho lula ukuqondisa umdlalo weshashalazi bukhoma kodwa uyijabulele inselelo aphonselwe yona ngeShaka Zulu: The Gaping Wound.

Uthe umdlalo ulandisa indaba yenkosi uShaka kaSenzangakhona, umbumbi wesizwe samaZulu, owayehlose ukusungula isizwe esisodwa esibandakanya wonke umuntu eNingizimu Afrika.

Uqhube wathi bakhetha ukwenza umdlalo kaShaka Zulu ngoba yindaba yakudala umuntu angayibeka kuze kube sekupheleni kwesikhathi. Uthe bakhetha ukugxila esiqalekisweni asenza ngaphambi kokuba afe lapho athi “ngeke nalibusa”.

“Noma ubheka leli zwe namuhla uyakubona ukuthi asikalibusi, uyabona ukuthi umlando uyaziphinda. Isibonelo uma ubuka lapha KwaZulu-Natal, uyabona ukuthi iqalekisiwe ngodlame lwamatekisi, ukubulalana kwabantu, izimpi zepolitiki nezikhukhula, zonke lezi zinto zenzeka lapha kakhulu,” kuchaza uMeshack.

Uqhube wathi inhloso yabo ngomdlalo weshashalazi ukuveza ukuthi badinga abaholi bezepolitiki nabesintu abazohola izwe kangcono, bahlangane bonke bayoxolisa ethuneni likaShaka ngoba nxeba ngeke livaleke futhi iKwaZulu-Natal, iyohlala iqalekisiwe.

Uthe nakuba edlala ezinhlelweni eziningi zethelevishini minyaka yonke kodwa uyazenzela isikhathi sokusebenza okungenani emdlalweni weshashalazi owodwa ngoba lokhu kumkhumbuza ukuthi kungani angena ekulingiseni nasekuqondiseni.

Uqhube wathi uyaqala ngqa ukusebenzisana nePlayhouse Company kodwa ukubheke ngabomvu ubudlelwano obuhle nabo futhi uselangazelele ukuthi izithameli ziwubone umdlalo athi uzoba nesasasa. Amathikithi eShaka Zulu: The Gaping Wound, atholakala kuWebticket ngoR120.