Izindaba

Bakhathazekile kuhamba isikhathi kunyamalale umama nendodana (3)

Zimbili Vilakazi|Published

UNKSZ Fezile Qhawekazi Nxumalo oduke evakashele isoka lakhe laseMpumalanga, ngoMashi nonyaka Isithombe: SITHUNYELWE

UKHATHAZEKILE umndeni wowesifazane wasoGedleni, KwaNongoma oduke nendodana yakhe esencane bevakashele isoka esifundazweni iMpumalanga.

UNksz Fezile Qhawekazi Nxumalo (22) wagcinwa wumndeni ngoMashi 22 ngesikhathi ehamba nendodana yakhe, u-Abelwa (3) beya eCoronation, eWitbank, eMpumalanga.

Umzala wakhe, uNkk Nkule Ndlela, uthe kabasabuthi quthu ubuthongo emva kokuzwa ukuthi uNksz Nxumalo nengane yakhe akwaziwa ukuthi bakuphi.

Utshele Isolezwe ukuthi uNksz Nxumalo bamgcina ngoMashi 25, ngesikhathi ebikela oyedwa wezihlobo ukuthi ufikile esokeni eMpumalanga kodwa wakhala ngokuthi isoka lakhe alimvumeli ukuthi alokhu ethinta ucingo uma enalo.

Kuthiwa isoka ngokudabuka ngelaseLimpopo. Uqale ukuzwana nalo emva kokuhlukana noyise ka-Abelwa, naye osebenza khona eWitbank kodwa ongowokudabuka oLundi.

Uthi okunye okubenze basola ukuthi ngempela kungenzeka ukuthi kukhona okushaya amanzi wukuthi uNksz Nxumalo ungumuntu okuthandayo ukufaka izinto ezinkundleni zokuxhumana kodwa obekungasenzeki selokhu aya eMpumalanga.

“Silokhu simzama ocingweni lwakhe kodwa lutho ukumthola. Ucingo lwakhe luvaliwe,” kusho uNkk Ndlela.

U-ABELWA Nxumalo waduka nonina, uNksz Fezile Qhawekazi Nxumalo owayevakashele isoka eMpulanga Isithombe: SITHUNYELWE

Uveze ukuthi elinye ilungu lomndeni abejwayele ukubhoboka kulo uNksz Nxumalo, wake walivezela ukuthi isoka lakhe libuye limhlukumeze, limshaye.

Uthe bake bazama ukuthi ukushayela ucingo isoka kodwa labatshela izinto ezahlukene.

“Uqale wathi akamazi ukuthi uphi, wajika wathi waya eGoli, wabuye wathi yena wamshiya khona eCoronation ngesikhathi evakashela kubo eLimpopo,” kusho uNkk Ndlela.

Uthe akubaniki ukuthula ukushintshashintsha kwezinto ezishiwo yisoka.

“Siyile erenki yamatekisi asuka eMpumalanga eya eGoli, siyocela imininingwane yabagibeli abaye eGoli besuka eMpumalanga, asizange silithole igama lakhe okusho ukuthi lo mlisa usiqambela amanga uma ethi uye eGoli,” kusho uNkk Ndlela.

Uthe bafuna amaphoyisa enze uphenyo olunzulu, amfake imibuzo umlisa, aseshe endlini yakhe, abheke nemininingwane yeselula yakhe, abone ukuthi akukho yini angakuthola ngokunyamalala kwabathandiweyo babo.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni iMpumalanga, uColonel Donald Mdhluli ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseKlipfontein acela ukubhekiswa uNksz Fezile Qhawekazi Nxumalo nendodana yakhe u-Abelwa abanyamalele.

“Kuvulwe idokodo lokulahleka kwabantu esiteshini samaphoyisa saseKlipfontein. Noma ngabe wubani ongaba nolwazi ngokunyamalala kwabo sicela athinte amaphoyisa enombolweni ethi 08600 10111,” kusho uCol Mdhluli.