BASATHUTHUMELA abafundi besikole esisePimville, iThaba-Jabula Secondary School, emva kwesehlo sokugwazwa komfundi ngoLwesine Isithombe:TRACEY ADAMS/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)
BASATHUTHUMELA abafundi besikole esisePimville iThaba-Jabula Secondary School, emva kwesehlo sokugwazwa komfundi ngoLwesine.
Kuthiwa umfundi ubhokodwe ngommese kuphindelelwa. “Ubenenxeba entanyeni naseduze kwenhliziyo nasemzimbeni.”
Umfundi ogwaziwe ushone esesibhedlela. Umsolwa ugqunywe esitokisini.
Abafundi abazibonele ngawabo bakhulume nabezindaba bethi imbangela yalokhu wububhoklolo. Ngokusho kwabafundi, isimo siyashintsha emini kubonakale iziqhwaga zitanasa ekubeni nabazali bayasaba ukuphawula ngokwenzekile.
Namuhla, abafundi bahlangatshezwe ngamaphoyisa esangweni lesikole. Amaphoyisa asesha abafundi ngaphambi kokuba bangene emagcekeni esikole.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGoli, uMnuz Steve Mabona, uthi okwenzeka namhlanje kuyisivumelwano esithathwe nabazali.
“Kwaba nesivumelwano sokuthi kungaphazamiseki ukufunda ngenxa yalokhu okwenzekile. Yingakho sikhuluma-nje izingane zigcwele emakilasini ziyafunda,” kusho uMabona.
Mayelana nokuthi kuthiwa sigameko senzeke ngenxa yobubhoklolo, uthe akanakuphawula ngalokho kodwa kuzolindwa amaphoyisa agoqe uphenyo lwawo.