IMITHETHO yeCovid-19 ethinta ukugqokwa kwezifonyo ezindaweni ezivalekile, nethinta ukuhlanganyela kwabantu ndawonye, izophonselwa inselelo eNkantolo eNkulu yaseGoli.
Lokhu kuvezwe yizinhlangalo ezilwela amalungelo abantu, i-AfriForum neDearSA.
Owengamele umkhankaso we-AfriForum, uMnuz Jacques Broodryk uthe bafuna ukuthi kubuyekezwe futhi kuchithwe ukusebenza kwale mithetho emva kokuphuma kwezwe ngaphansi kwesimo senhlekelele ngoMeyi 5.
Uveze ukuthi ngokubambisana, izinhlangano zombili zifake isicelo esiphuthumayo enkantolo. Uhulumeni kulindeleke ukuthi naye afake awakhe amaphepha aphikisa okushiwo yizinhlangano.
Uthe okwamanje belungakabi bikho usuku olubekiwe ukuthi kuzolalelwa ngalo isicelo, kodwa waveza ukuthi ngokwabo isicelo abasifakile siyaphuthuma, balindele ukuthi inkantolo isisukumele ngokukhulu ukushesha.
Ubuye waveza nokuthi banemibuzo ngendlela okubandakanywe ngayo umphakathi kolweziphakamiso ezithinta imithetho yeCovid-19 ngaphambi kokuba ishicilelwe ngokusemthethweni.
Uthe kuyashaqisa nokuthi imithetho egcine ishicilelwa ngokusemthethweni, ayifani neyayikhishelwe ukuthi umphakathi ubeke uvo lwawo ngayo.
“Izakhamuzi zaseNingizimu Afrika aziwona amathoyisi okufanele izikhulu zikahulumeni zidlale ngawo. I-AfriForum izolwa nale mithetho ezinkantolo ukuqinisekisa ukuthi amalungelo azo ayabuyiselwa esimweni,” kusho uBroodryk.
Uphethe ngelithi abantu sebecikekile yindaba kahulumeni ohlala ahlale athikameze inkululeko yabo.