Izindaba

Adayise okwamagwinya ashisayo amathikithi endiza abiza uR8

Nonkululeko Nhlapo|Published

ABAKWA-FLYSAIR badale isiphithiphithi ezinkundleni zokuxhumana ngendali enkulu yamathikithi ezindiza.

Le nkampani imemezele namuhla, ukuthi kusukela ngo-9 ekuseni, azobiza uR8 amathikithi ezindiza. Abantu bebevivile kuyi lowo, nalowo efaka isithombe ezinkundleni zokuxhumana eveza ukuthi usengenile kwiwebhusayithi yenkampani, uselinde lelo hora.

Baningi abathakasele amathikithi ngisho nomsakazi omusha we-Metro FM, uSiya Mhlongo, uphawulile kwi-Twitter wathi ulinde indali yamathikithi.

Indida wukuthi abaningi bayazibuza ukuthi ngobani abaphumelele kulo mtitilizo ngoba akubonakali kukhona abaphumelelayo.

Yize kunjalo le nkampani ayibalahlisi ithemba ngoba ilokhu imemezela kancane, kancane amagama.

L