Izindaba

URamaphosa watakula izwe kwabakwaGupta ngokombiko kaZondo

Intatheli Yesolezwe ngoMgqibelo|Published

KUNOKUKHALA nokugedla kwamazinyo embikweni kaJaji Raymond Zondo isithombe:ESIGCINIWE

Lokhu kukodwa nje, kwayisindisa iNingizimu Afrika, emndenini wakwaGupta. Lokhu kudalulwe izolo ngusihlalo weKhomishini ephenya ukuLawulwa koMbuso yiDlanzana, uJaji Raymond Zondo, embikweni owandulela owokugcina awunike uRamaphosa.

Uthe zase zonakala izinto eMnyangweni woGcinwakwamafa ngoba umndeni weziqumama zakwaGupt, wawungene wagamanxa. UZondo oseyiNhloko yamaJaji, kulo mbiko udalula ukuthi uZuma wayefuna ukuqoka ongqongqoshe bezezimali ababezodonswa ngekhala ngabakwaGupta. Kulabo ngqongqoshe kubalwa uMnuz Melusi Gigaba noMnuz Des Van Rooyen.

UZondo ulimise ngesihloko elokuthi uMnyango woMgcinimafa wawuzomosheka kakhulu kunakuqala, ukube waqhubeka waphatha uGigaba owayejutshwe nguZuma ukuba adansele isigingci sabakwaGupta.

"AbakwaGupta babezimisele ngokulawula uMnyango woMgcinimafa ngaphambi kokuba kuphele ihlandla lesibili likaZuma. Kwakungekho ukuchitha isikhathi. Babazi kahle kamhlophe ukuthi wayengeke alibone elidlalayo emncintiswaneni wokukhethwa kukamengameli we-ANC engqungqutheleni yokukhethwa kobuholi ngoDisemba 2017," kuqhuba umbiko kaZondo.

Eqhuba uZondo uthe uMnyango wokuGcinakwamafa wacishe wawela ezandleni ezingcolile ngesikhathi kukhonjwa indlela uMnuz Nhlanhla Nene, maqede kwaqokwa uVan Rooyen nabaluleki ababedla ngalukhezo lunye nabakwaGupta.

Kwabheda uhlelo ngesikhathi uRamaphosa egudluzela uVan Rooyen eMnyangweni wokuBusa NgokuBambisana nezindaba zoMdabu, wase wabuyisa owayenguNgqongqoshe wezeMali, uMnuz Pravin Gordhan. Sekuwumlando ukuthi uGordhan nowayeyiPhini lakhe, uMnuz Mcebisi Jonas, bakhonjwa indlela nguZuma ngenxa yombiko wezobunhloli, ongumbombayi. Ngokusho kukaZondo, ukuxoshwa kukaJonas noGordhan kwakuyitulo lokubagudluza phambi koMnyango woMgcinimafa.

UZondo uveze ukuthi uZuma wayefuna ukuqoka uMnuz Brian Molefe njengeNhloko yakwaTransnet emuva kokushiya kumapeketwane kwa-Eskom. Uthe kufanele izwe lithulele isigqoko uGordham noNene nezinye izikhulu ngokuvikela uMnyango kaMgcinimafa emankentshaneni ngokunqaba ukuba yizichuse zakwaGupta.

Nakuba kunjalo abakwa-Eskom bathe bazohlelembela ithimba lezomthetho ukubhekana nombiko kaZondo. UZondo udalule ukuthi u-Eskom waphundlwa yisamba sikaR14.7 billion. Ukhombe ngenjumbane owayeyiNhloko uMnuz Matshela Koko, nowayephethe uphiko lwezimali, uMnuz Anoj Singh, ngokwakha umbimbi ekuhleleni itulo lokugixabeza ngethenda uMcKinsey.