KUNGAKAPHOLI maseko ehilizisene noSihlalo weScopa, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, ngezindaba ezithinta u-Eskom, uNksz Busisiwe Mavuso uyinyathele emsileni i-ANC esiFundeni eThekwini. Isithombe: Mofokeng Mofokeng
KUNGAKAPHOLI maseko ehilizisene noSihlalo weScopa, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, ngezindaba ezithinta u-Eskom, uNksz Busisiwe Mavuso uyinyathele emsileni i-ANC esiFundeni eThekwini.
Isifunda se-ANC simhlabe samhlikiza uNksz Mavuso ngemva kokubiza uSihlalo wesifundazwe, uNkk Zandile Gumede, ngesela.
Engxoxweni abenayo no-Ashraf Garda weSalaamedia, uMavuso oyinhloko kwiBusiness Unity South Africa (Busa), noyilungu lebhodi lakwa-Eskom uthe: “Uma uzoqhubeka uqoke uZandile Gumede oyisela eThekwini, ulindele ukuthi kwenzekeni kuhulumeni?”
Ubephawula ngokubaluleka kokuba kuqokwe abantu abafanele nabanokuthembeka ezikhundleni zokuhola zikahulumeni ukuze izwe libe nohulumeni onozinzo.
UNkk Gumede ubhekene namacala enkohlakalo asuselwa kwithenda yokuqoqwa kukadoti eyadla uR320 million kumasipala weTheku, eyakhishwa ngo-2017, ngesikhathi esayimeya.
Kubhekwe ukuthi icala liqale ukulalelwa ngoJulayi nonyaka eNkantolo eNkulu eMgungundlovu. UNkk Gumede uyaphika wonke amacala abekwe wona.
Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesibili, isifunda sithe akulungile ukuhlaselwa kukaNkk Gumede ngamazwi ngoba sekuphele iminyaka emine ephenywa.
Isitatimende sithe, njengelungu le-ANC eliyiqondayo imigomo yeqembu, uNkk Gumede wesula esikhundleni sakhe sobumeya ngemva kokuyamaniswa nezinsolo zenkohlakalo eziphenywayo.
“Akakaze nangengozi aphuthe enkantolo kusukela eboshwa ngoMeyi 2020, kwaze kwaba uqala ukubekwa amacala usuyophela uMeyi. KwakuyiNPA eyayidinga isikhathi esanele sokucubungula ubufakazi nokuholele ekutheni icala lithathe isikhathi eside ukuqulwa,” kufundeka isitatimende.
Isitatimende siqhube sathi kuyamangaza ukuthi uNksz Mavuso, ahlasele uNkk Gumede nabanye, ekubeni engazange ayithi vu eyenkohlakalo eqhubeka ezinkampanini ezizimele lapho evela khona.
“Odabeni lukasihlalo wethu, uNksz Mavuso uqoke ukuthi amehlulele ngaphandle kokuvumela ezobulungiswa ukuba zifinyelele kuleso sinqumo. Akangagcina lapho, wakhetha ukuyomhlambalaza esidlangalaleni, wambiza ngesela, ekubeni engakaze atholwe yinkantolo yezomthetho enecala,” ngokombhalo wesitatimende se-ANC.