Izindaba

Bakhathazekile kufufusa impi yezigodi

Nonhlanhla Mbonambi|Published

BANOVALO abazali babafundi baseNkodibe High, eMtubatuba, ngokufufusa kwempi yezigodi okuthiwa iqalwe wumbango wabafundi. Isithombe: Armand Hough / African News Agency (ANA)

BANOVALO abazali babafundi baseNkodibe High, eMtubatuba, ngokufufusa kwempi yezigodi okuthiwa iqalwe wumbango wabafundi.

Abazali besigodi sasoGenele nabesigodi uMgqabulabheshu bahlalele ovalweni njengoba abafundi besongelana futhi besabisana.

Sekube khona nezigameko lapho kuhlaselana khona abafundi, balimazana.

Umzali womunye umfundi oshaywe walimala kanzima, uthe namanje akasazi isizathu sokushaywa kwengane yakhe okumanje ilele esibhedlela isesimeni esibi.

“Ubengathinteki nhlobo kwababelwa. NgoLwesihlanu kwahlasela iqulu labafana abafunda eNkodibe besigodi saKwaMgqabulabheshu behamba ngemoto. Ngenxa yokuthi u... (indodana yakhe) ngowakwesinye isigodi, baphindisela kuye njengoba engxabanweni yokuqala kwashaywa omunye walaba ababezohlasela.”

“Ngesikhathi kuliwa, umfana wami wabaleka wangena epayipini, bamdonsa khona phakathi bemjikijela ngezimbokodo zamatshe, bemshaya nangezinduku maqede bamgwaza ethangeni,” kusho umzali.

Uthe le mpi isinamaviki iqalile, yasuswa wukulahleka kwesigqoko ngesikhathi kulwa abafundi balezi zigodi ngaphakathi emagcekeni esikole. Uthi kwaba yinto engathi iyaphela, kuyaxolelwana ngoba owalahlekelwa yisigqoko, wesigodi sasoGenele, wathi akuyekwe akasasifuni.

“Impi kodwa ilokhu iqhubeke njalo. Kumanje ingane iphuma ingena ezibhedlela kusukela ngoLwesihlanu ilimele, kwaphoqeleka ukuthi iyohlinzwa kukhishwe amahluli ngoba ngesikhathi ishaywa kwathinteka ubuchopho. Inemivimbo umzimba wonke, umfanekiswano eyayiwugqokile wawugcwele igazi,” kukhala umzali.

Uthe useyasaba ukuphindisela umfundi esikoleni, uzohlala ekhaya uyoze abuyele uma eseluleme. Uthe usenikele konke emaphoyiseni ukuthi kuboshwe abalimaze indodana yakhe.

Omunye wabazali, okhala esifanayo, uthi ngempi yokuqala ingane yakhe yashaywa ngamabhodlela yaba nemivimbo umzimba wonke.“Kwaphoqeleka ukuthi atishwe ekhanda ngendlela ayelimele ngayo. Sihlalele ovalweni ngoba asazi le mpi ukuthi iyophela nini,” kukhala umzali.

Induna yasoGenele, uMnuz Josias Mkhwanazi, ithe kube nomhlangano esikoleni ngoLwesibili ukuzoxazulula lolu daba. Uthi banxusa ukuthi akuxolelwane, iphele lempi yezigodi ngoba into ebangwayo ayikho.

“Ngokuzwa kwami, impi yaqubuka kubangwa intombi. Emva kwalokho bese kubangwa isigqoko esalahleka kuliwa,” kusho uMkhwanazi.

Uthe emhlanganweni kuphethwe ngokuthi bazobhekana namaphoyisa labo abathintekayo ekulimaleni kwabafundi.Induna yaKwaNkombose, eMgqabulabheshu, uMnuz Faninkosi Mkhwanazi, ithe imfundiso iqala ekhaya, abazali kumele bafundise izingane zabo ukuziphatha bangayekeleli yonke into kothisha.

“Kubalulekile ukuthi abazali bayale izingane zabo ukugwema zonke lezi zinkinga,” kusho uMkhwanazi.

Okhulumela amaphoyisa, uConstable Thenjiwe Ngcobo, uthe kuvulwe amacala amabili okushaya esiteshini samaphoyisa saKwaMsane.

“Kwavulwa amacala ngemuva kokuthi kushaywe abafundi ababili ngaphandle kwamagceke esikole. Kuyaphenywa ngalolu daba,” kusho uConstable Ngcobo.