SANGWENI
IPHINI likaSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhulu elihamba icala lenkohlakalo, selinxuse inkantolo ukuthi iphenye izinsolo zokuthi uMbuso ubambezela ukuqulwa kwalo. UMabuyakhulu nabanye aboshwe nabo babhekene namacala enkohlakalo yomcimbi iNorth Sea Jazz Festival, asukela ngesikhathi esengungqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi nezokuVakasha KwaZulu-Natal.
Icala lisingethwe yiNkantolo eNkulu eThekwini, esagobe amadlangala ebhilidini leNkantolo yeMantshi eThekwini, ngoba kusalungiswa isakhiwo. Indaba yaqala emuva kokuthi uhulumeni ejube inkampani yabaphenyi abazimele i-UBAC eyakhipha umbiko owadluliselwa koKlebe.
UMabuyakhulu waboshwa ngo-2018, esolwa ngokwemukela uR300 000 okungaqondakali ukuthi wawuyisima kanjani futhi okuthiwa wangena ebhange unegama elithi Ndiyema, okuyisithakazelo sakhe. Isolezwe ngeSonto linamaphepha nezincwadi ezifungelwe lapho uMabuyakhulu ekhala khona ecela ijaji ukuba lingenelele.
Amaphepha akhomba ukuthi ahlanganiswe wummeli kaMabuyakhulu, uMnuz Shaukat Karim. Amaphepha aveza ukuthi isicelo sifakwa ngaphansi kwesigatshana uSection 342A we-Criminal Procedure Act 51, of 1997, ogunyaza ummangalelwa ukuthi akhale uma ebona kubambezeleka ukuqulwa kwecala. Phakathi kwezikhalo zikaMabuyakhulu wukuthi kukhona ukubambezeleka okungenasidingo.
“ Leli cala lisakazwe kakhulu kwabezindaba nokwenza abamangalelwa bahambe nefu elimnyama phezu kwabo. Umangalelwa ka-16 kuyaziwa ukuthi icala limphoqe ukuba ahoxe emsebenzini kahulumeni, nowenhlangano yakhe i-ANC. Lokhu kuyimise nse impilo yakhe futhi kubuhlungu ngoba yena ubhekene namacala amahlanu athinta uR300 000 kanti ubufakazi abumkhombi,’’ kusho ummeli emaphepheni.
Amaphepha afakwe ngokuhlanganyela nabanye abamangalelwa abakhomba ukungenami ngokudonsa kwecala. Isikhathi esiningi uma bevela abamangalelwa bahlala bekhala ngokubambezeleka kwecala, okubadla ephaketheni kungcolise namagama abo.
Udaba lulalelwe yinkantolo kanti nombuso wenze izethulo zawo sase sigodlwa isinqumo. Kwenzeka konke lokhu nje, kulo nyaka kuhlala izingqungquthela ze-ANC ezifundeni, izifundazwe nekazwelonke. Akukacaci ukuthi uMabuyakhulu uzowungenela yini umbango wezikhundla.