Izindaba

Kushe kwangqongqa uCambridge Food emakethe

Nonhlanhla Mbonambi|Published

Abezicishamlilo zaseThekwini bebhula umlilo ngesikhathi kusha isitolo sokudla, iCambridge Food, esisemakethe kuWarwick Junction, eThekwini. Isithombe: Bongani Mbatha.

KUSHE kwangqongqa isitolo sokudla, iCambridge Food, esisemakethe kuWarwick Junction, eThekwini, ngeSonto . Abazibonele kusha bathe basola sengathi kuqhume izintambo zikagesi ngaphakathi okudale ukuthi kuthungeleke umlilo kushe isitolo sonke.

KUSHE kwangqongqa isitolo sokudla, iCambridge Food, esisemakethe kuWarwick Junction, eThekwini, ngeSonto. Abazibonele kusha bathe basola sengathi kuqhume izintambo zikagesi ngaphakathi okudale ukuthi kuthungeleke umlilo kushe isitolo sonke.

Umsebenzi waseCambridge, ozibonele ngamehlo kwenzeka le nhlekelele, uNksz Okuhle Mpahlana, uthe kuvele kwagqamuka amalangabi omlilo, babona ngentuku isishunqa phezulu.

Wathi kusolwa ukuthi imbangela yengozi yizintambo zikagesi.

“Abanye abasebenzi bashelwe izinto ezibalulekile ngoba bavele baphumela bonke ngaphandle ngesikhathi kugqamuka amalangabi omlilo. Imenenja yesitolo ibathathe yababeka erenke yaseMlaza ukuze bezothi ukuqhelelana nomlilo bangalimali,” kuchaza uNksz Mpahlana.

Uthe bekulungiswa ugesi ngoMgqibelo ngaphakathi esitolo yingakho besola ukuthi kukhona izintambo ezithintekile kwangalungiseka kahle.

“Ngisola ukuthi kunezintambo eziphambane ngesikhathi kulungiswa ugesi, okudale ukuthi kushe isitolo sonke,” kusho uNksz Mpahlana.

Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe umasipala uyazi ngomlilo oqale kwesinye sezitolo ezisemakethe, kuWarwick Junction, izolo ekuseni.

”Wonke amasevisi ezimo eziphuthumayo aseThekwini aphuthume endaweni yesigameko. Okwamanje imbangelo yomlilo ibangakaziwa, abekho esizwe ukuthi bashonile noma balimele,” kusho uMayisela.

Uthe maduzane kuzoqala uphenyo ukuze kutholwe imbangela yalesi sigameko.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Nqobile Gwala, uthe okwamanje bekungakabikwa lutho ngabashonile nabalimele kanti nembangela yomlilo ibingakaziwa.