USOLWAZI Reverend Musa Xulu, uMfundisi Thabani Mazibuko noMnuz Ishwar Ramlutchman benikela ngezimpahla nokudla emindenini ekhahlanyezwe yizikhukhula eNanda Isithombe: BONGANI MBATHA
UKUSALA dengwane kwenqwaba yabantu ngenxa yezikhukhula KwaZulu-Natal kudale abaholi bebandla lamaLuthela EKuthuleni Lutheran Community Church bahlanganyele banikele ngokudla nangezimpahla emindenini ekhahlanyezwe yizikhukhula eNanda.
USOLWAZI Reverend Musa Xulu, ohlonishwayo webandla uthe bahlangane neSilo nebandla bathatha isinqumo sokuthi bazophosa esivivaneni, balekelele imindeni ekhahlamezekile.
“Ngenhloso yokwakha isizwe sisungule inhlangano ebizwa ngeNdonsa Yesizwe. Njengoba kuvele le nhlekelele sibona kungamele silinde uhulumeni ukuthi asize abantu, kodwa sikhipha emaphaketheni ethu sihlanganise esinakho ukusiza umphakathi waseNanda, ongenye yezindawo esifundazweni ezishayeke kakhulu,” kusho uXulu.
Uthe Indonsa Yesizwe isazophinda inikele nakwezinye izindawo, okubalwa kuzo eStanger ngoba okubalulekile wungabukeli abantu behlupheka bebulawa yindlala.
Iphini likasihlalo webandla, uNkk Xolile Mjiyakho, lithe maningi namanye amabandla anikela emphakathini waseNanda namaphethelo njengoba iningi labantu lilahlekelwe yimiphefumulo, abanye basala bengenamakhaya.
“Abantu bahlezi emasontweni, emahholo abanye bakhosele komakhelwane. Sebebonke bangu-6 200 esingakwazi ukunikela kubo ngabakudingayo. Iningi labo liphuma koMzinyathi, Matikwe, oHlange, Ntuzuma nazo zonke ezinye izindawo ezakhelene neNanda,” kusho uNkk Mjiyakho.
UMfundisi Thabani Mazibuko, uthe babonga iminikelo evela nxazonke.
“Sinesifiso ukuthi ngalokhu esinikele ngakho kuzosiza imindeni eminingi, bahlale ethembeni lokuthi sikhona ukuzobasiza kulesi sikhathi esinzima,” kusho uMazibuko.
Omunye onikelele abakhahlamezekile, uDkt Bhedlindaba Victor “VVO” Mkhize, ongumelaphi wendabuko futhi oyisazi samasiko, uthe lokhu bakwenza ngoba kunabantu abaningi abasizakala eMlambomunye, abanye babo abahlukumezekile lapho bekhona.
“Isigodlo saseMlambomunye esingaphansi koMsamo Institute, esidume kakhulu esingaphandle kwaseMgungundlovu, sikhiphe izingubo zokulala zikanokusho ezilishumi siyozwelana nemindeni ehlukunyezwe yizikhukhula endaweni yaseNanda,” kusho uMkhize