USASHAQEKILE umndeni osuhleli namathambo abantu egcekeni emuva kokuguguleka kwamathuna eMachobeni, eNanda, ngenxa yezikhukhula. Isithombe Sithunyelwe
USASHAQEKILE umndeni osuhleli namathambo abantu egcekeni emuva kokuguguleka kwamathuna eMachobeni, eNanda, ngenxa yezikhukhula.
Umnikazi womuzi, uNkk Lindiwe Ngubane, uthe bavuke ngoLwesibili olwedlule amathambo abantu egcwele igceke egugulwe yimvula njengoba bakhe eduze namathuna.
“Sisashaqekile nezingane, azikwazi nokulala ebusuku kuyathusa ukuhlala namathambo abantu esingabazi asegcekeni namatshe amathuna. Sawubikela umasipala nekhansela basitshela ukuthi angeke bakwazi ukusisiza ngoba umhlaba esakhe kuwo ubuswa yizinduna namakhosi. Kuyimanje igceke lonke liyanuka njengoba kukhona amathambo amasha namadala, asisazi ukuthi senzenjani.”
“Amaphoyisa nawo afikile asitshela ukuthi angeke akwazi ukusisiza njengoba kunenhlekelele, bathatha kuphela izidumbu zabantu abamukile, basidlulisela ethimbeni labatakuli nalo lasitshela ukuthi lisematasa okwamanje,” kusho uNkk Ngubane.
Uthe ngoba amaphoyisa akukho angabasiza ngakho agcine ebanika imvume yokususa amathuna egcekeni.
“Sizamile nokwazisa umphakathi ngokwenzekile ukuze uzobheka amatshe amathuna emindeni yabo ngaphambi kokuthi siwathinte siwabeke kwenye indawo. Kufike idlanzana labantu abanamathuna, okwenza izinto zibe nzima, kodwa ngemvume yamaphoyisa angeke sibe nenkinga uma kwenzeka kufika imindeni ngelinye ilanga izofuna amathuna abo kuthina,” kusho uNkk Ngubane.
Uthe nokho sebewasusile amanye amathambo abevimbe kuveranda wendlu. Kusazoba nomhlangano kuleli sonto nekhansela ukuthola isisombululo ngoba amanye amatshe amathuna kunzima ukuwasusa egcekeni ngoba ayasinda.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa nokuBambisa nobuHoli bezoMdabo KwaZulu-Natal, uNksz Nonala Ndlovu, uthe kuyisigameko esingesihle esehlele lo mndeni, udaba luzobhekisiswa ngabasebenzi ababheka izinhlekelele ezenzeke eThekwini.
“Sengiludlulisele kwababhekelela izinhlekelele ezenzeke eThekwini udaba ukuze bangenelele. Sicela abathintekile ngenxa yezikhukhula esifundazweni abadinga usizo ukuthi basithinte enombolweni ethi: 0800 000 953 noma ku-0800 000 954,” kusho uNksz Ndlovu.