Izindaba

Kuzolekelelwa abangenamanzi ngemuva kwezikhukhula

Nonhlanhla Mbonambi|Published

UBHEKENE nenkinga yokuntuleka kwamanzi azohlinzeka ngawo umphakathi uMasipala iTheku emva kwezikhukhula ezishiye kukhalwa.

UBHEKENE nenkinga yokuntuleka kwamanzi ezohlinzeka ngawo umphakathi uMasipala iTheku emva kwezikhukhula ezishiye kukhalwa.

Lo mkhandlu unezimoto ezithuthela umphakathi amanzi ezingu-131. UMnyango wezaManzi nokuThuthwa Kwendle unikeze umasipala ezinye ezingu-19.

Lokhu kudalulwe yiphini leMeya eThekwini, uMnuz Philani Mavundla obehlola ingqalasizinda yamanzi ezindaweni ezahlukene eThekwini nePhini likaNgqongqoshe waManzi nokuThuthwa Kwendle, uMnuz David Mahlobo.

UMavundla uthe enye inkinga ababhekene nayo wukufinyelela ezindaweni okuhlala kuzona abantu abadinga amanzi ngenxa yokuthi imigwaqo icekeleke phansi.

“U-80% weziphehlimanzi ocekeleke phansi. Njengamanje sandise isibalo samathangi athuthela umphakathi amanzi,” kusho uMavundla.

Uthe njengoba beqhubeka nokwengeza inani lamathangi amanzi kodwa inkinga abanawo amanzi anele ukugcwalisa la mathangi.

“Kusukela ngoLwesibili kufanele siqale sibheke naleli bhuloho elithintekile lapho abantu abangaphesheya bengakwazi ukuwela ukuze bezothola amanzi,” kusho uMavundla.

Khonamanjalo uMasipala weTheku usaqhubeka nohlelo lokukhuculula amabhishi ngemuva kwezikhukhula ebezikhona ngeledlule.

Okhulumela umasipala, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe kusukela ngoLwesihlanu olwedlule bebekhuculula amabhishi aseThekwini.