ULOFU wesinkwa saseShorite obiza uR5 Isithombe: SITHUNYELWE
UMKHANKASO waseShoprite, iThe power of R5, wethulwa ngenhloso yokulekelela iningi labantu baseNingizimu Afrika, ukuthi bakwazi ukondla imindeni yabo ngoR5 nje kuphela.
Imikhiqizo yokuqala yokudla okubiza uR5 yethulwa ngo-2016, lapho kwaqale kwadayiswa isinkwa namaqekelo, kwase kuyadlondlobala kwaba wukudla okutholakala ngale ntengo ephansi.
Uphiko lwezokukhangisa eShoprite luveze ukuthi lukubonile ukubaluleka kwalo mkhankaso ukutshengisa ukuthi ngoR5 ungakwazi ukondla umndeni wakho kuhlonipheke.
“IShoprite yethule ukudla okubiza uR5 phakathi nonyaka ka-2017, ukuhlinzeka ukudla okunomsoco abantu abangakwazi ukukuthenga. Ukuthenga isobho laseShoprite ngoR5, kuhlinzeke izidlo ezingaphezu kuka-900 000 ngohlelo lwesikhwama iLunchbox kusukela ngo-2019,” kusho isitatimende.
AbakwaShoprite bathe lokhu abakwenzayo kubaluleke njengoba isibalo sabangasebenzi senyukile nesimo somnotho siqhubeka nokukhahlamezeka selokhu kwahlasela ubhubhane.
“Yingakho ulofu wesinkwa ongu-600g eShoprite ungakaze unyuke ngaphezu kukaR5 kusukela ngo-Ephreli 2016. Eminyakeni emithathu eyedlule, iShoprite ithengise lezi zinkwa ezingaphezu kuka-200 000 000 esezisize iningi labantu,” kusho isitatimende.
Uthe izigidigidi zamaphakethe amaqekelo abiza uR5, akhiqizwe eNingizimu Afrika, athengwa kusukela ngoNovemba 2020, ukuvumela abesifazane namantombazane ukuthi babe nelungelo lokuphila ngendlela ehloniphekile.
Isitatimende sithi abathengi bakwaShoprite abanobuntu banikela ngoR5 esikhwameni i-#ActForChangeFund, kunikelelwa izinhlangano ezinenzuzo.