ZITHOLAKELE izingwenya ezigugulwe yizikhukhula zaphumela ngaphandle kweCrocodile Creek Farm, oThongathi. Isithombe: Marilyn Bernard
ZITHOLAKELE izingwenya ezigugulwe yizikhukhula zaphumela ngaphandle kweCrocodile Creek Farm, oThongathi.
Okhulumela eZemvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Musa Mntambo, uthe izingwenya ziguguleke ngoLwesibili ngenxa yokuthi amathangi agcina izingwenya epulazini agcwale kakhulu amanzi njengoba kunezikhukhula.
Imibiko yokuqala yayithi zingu-12 izingwenya ezaguguleka, kodwa imibiko yakamuva iqinisekisa ukuthi zingu-14 izingwenya ezitholakele.
Lokhu kuvele ngoLwesine ekuseni, ngesikhathi uMtambo etshele abezindaba ukuthi sezitholakele zonke izingwenya. Uthe lezi zingwenya zitholakale ngasepulazini elisoThongathi.
"Leli pilazi liseduze komfula waseThongathi. Siyazi ukuthi uma kukhona ezinye izingwenya eCrocodile Creek nazo zizoya ngasemfuleni,“ kusho uMtambo.
Uqhubeke wathi ayikho imibiko evelile yabahlaselwe yizingwenya kulezi zinsuku obekucingwa ngwazo ezase-Crocodile Creek.