Izindaba

Amaphoyisa aphenya ngesidumbu esitholakale namanxeba okudutshulwa

Nonhlanhla Mbonambi|Published

AMAPHOYISA aphenya ngesidumbu sowesilisa esitholakale namanxeba okudutshulwa ngeSonto ntambama emgwaqweni u-Oakford, Osindisweni, ngaseVerulam.Isithombe: Bongani Shilubane/African News Agency (ANA)

AMAPHOYISA aphenya ngesidumbu sowesilisa esitholakale namanxeba okudutshulwa ngeSonto ntambama emgwaqweni u-Oakford, Osindisweni, ngaseVerulam.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo enkampanini yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa) , uMnuz Prem Balram, uthe isidumbu sitholwe owesifazane obemazi umufi, obe esebikela umndeni kamufi ngakubonile wathinta nonogada bakwa-RUSA ngabo-5 ntambama.

“Onogada bafike endaweni yesigameko emuva kokuthi sebebikelwe ngokwenzekile, bathola isidumbu sowesilisa oneminyaka elinganiselwa ku-20, sisotshanini obuseduze komgwaqo,” kusho uBalram.

Uthe ngesikhathi kuhlolwa isidumbu kutholakale ukuthi sinamanxeba okudutshulwa ekhanda, engalweni yesinxele nasesifubeni. Akazange atshengise izimpawu zokuthi uyaphila nabezimo eziphuthumayo bathole ukuthi ushonile ngesikhathi bemxilonga endaweni yesigameko.

“Kutholakale amagobolondo amabili ezinhlamvu zesibhamu i-9mm ebangeni elingamamitha alishumi uma usuka endaweni ebinesidumbu. Imbangela yokubulawa kukamufi beyingakaziwa,” kusho uBalram.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Nqobile Gwala, uthe bayakuqinisekisa ukuthi kunesigameko esenzeke Osindisweni emgwaqweni omkhulu osuka eVerulam, ngeSonto ngabo-7 ntambama.

“Owesilisa oneminyaka engu-22 udutshulwe wafa abantu abangaziwa. Icala lokubulala livuliwe ukuze kwenziwe uphenyo ngalo esiteshini samaphoyisa aseVerulam,” kusho uLt Colonel Gwala.