IZITHOMBE zikaSelina Kokolosi ngaphambi nangemuva kokuhlaselwa yizinja.
KUSINDA kuyehlela kowesifazane owahlaselwa yizinja eziwuhlobo lwama-pitbull amathathu omqashi wakhe eMooi River ngoJanuari nonyaka.
USelina Kokolosi wahlaselwa yizinja zomqashi wakhe zamkhipha ikhala, udebe, izindlebe, zamlimaza kabi amathanda, imilenze nezandla.
Yize ebonga impilo, uKokolosi usebhekene nenye inkinga ngoba abazukulu bakhe abasakwazi nokumbheka, bayamesaba ngoba akaseyena lo muntu abebemazi.
Ekhuluma nabeDaily News ngosizo lomshana wana, uTebogo Kokolosi, uthi ubhekene nesimo esinzima kakhulu empilweni yakhe ngoba ngisho nezinye izihlobo seziyamsaba ngendlela abukeka ngayo ngemuva kokuhlinzwa kwakhe.
“Ngisinde ekufeni, kodwa ngeshwa sekumele ngiphile nolwazi oluthi angiseyena lo muntu abazukulu bami abebemazi. Bayasaba ukusondela kumina, futhi bayakhala uma bengibona ngoba abakholwa ukuthi ngingugogo wabo lo abamaziyo,” kusho yena.
Uthi okumphatha kabi kakhulu wukuthi abaqashi bakhe babekhathazeke kakhulu ngezinja zabo kunempilo yakhe.
“Impilo yami isimoshekile ngoba akekho osefuna ukungiqasha njengomsizi wasekhaya nginjena. Umqashi wami akakaze abonise ukuzwelana nami, akakaze angishayele ucingo noma angivakashele esibhedlela,” kuqhubeka yena
UKolosi ubelokhu egqigqa esibhedlela sonke lesi sikhathi. Usanda kudedelwa esibhedlela iChris Hani Baragwanath Academic wabuyela ekhaya kubo eBlomhof, eNorth West, ngemuva kokuhlinzwa isikhathi eside.
NgoMeyi 9, nonyaka, uzobuyela esibhedlela lapho eyohlinzwa khona ngemizamo yokulungisa izindlebe nezindebe.
Udaba lwakhe lwashicilelwa okukuqala ngoFebhruwari 2, nokuyilapho olwabonwa khona ngabameli (Godrich Gardee Attorneys), bazinikela ekutheni bazommela uKokolosi ukuze athole ubulungiswa.
Bekhuluma ngaleli cala, bathi abameli bomndeni wakwaMosters nokuyiwona owawuqashe uKokolosi, babalaxaze icala lingakaqulwa.
“Satshelwa ngesonto eledlule ukuthi abameli bomndeni wakwaMosters sebehlukene nawo, kodwa sikholwa ukuthi umsebenzi bawudlulisele kwabanye uma kukhona abasha.
“Sisalinde impendulo ngalolo daba, uma singayitholi, sizoqhubeka nezinhloso zethu ngaleli cala,” kusho abameli bakwaKokolosi.