Izindaba

Ubulale intombi maqede wazikhunga

Sanele Ndlovu|Published

UNKSZ Hlomisile Mbatha isidumbu sakhe sitholwe ehlathini sesiqala ukunokala isithombe: SITHUNYELWE

SITHUSE abaningi isenzo sowesilisa waseMsinga kodwa obesezinze e-Eastern Cape, sokubulala intombi ngokuyigwaza maqede wazikhunga.

UMnuz Sphelele Mabaso (41) wasePomoroy, ngaseMsinga kusolakala ukuthi ugwaze intombi yakhe amanxeba ayisikhombisa, uNksz Hlomisile Mbatha (30) nayo yaseMsinga, maqede wathatha isidumbu sayo wayosilahla ehlathini elikude buduze nalapho beqashe khona.

Ngemuva kokumbulala unikele kubo kwentombi yakhe KwaZulu-Natal eyoshiya ingane kamufi, wafike wazisa amalungu omndeni ukuthi uthunywe ngumufi ukuthi azoshiya ingane.

Ingane kamufi inezinyanga ezingu-18, umufi wayithola kwelinye isoka asebehlukene nalo.

UNksz Hlengiwe Zulu obengumngani kamufi futhi beqashe ndawonye uveze ukuthi umufi ubejwayele ukumxoxela ngodlame isoka lakhe ebelinalo.

UNksz Zulu uthe isidumbu sikamufi size satholakala ngemuva kwezinsuku ezinhlanu edukile. Uthe isidumbu somngani wakhe sitholwe ngowesilisa obesemcimbini eyochama ehlathini.

“Namanje sisathukile ngokubulawa kukaHlomisile, yize ebenyamalele kodwa besingazitsheli ukuthi ubulewe. Okusiphatha kabi kakhulu wukuthi isidumbu sakhe sitholwe sesonakele sibhuza izimpukane,” kuchaza umngani.

Eqhubeka echaza uthe isoka likamufi belivele lingumuntu onesihluku lijwayele futhi nokumbeka isandla umufi. Uveze ukuthi emasontweni adlule ngaphambi kokuba umufi ashone bake baxabana kanzima phambi kwakhe.

“Mina engikwaziyo wukuthi baqala ukuthandana ngoNovemba wonyaka odlule kodwa kuzona lezi zinyanga ezimbalwa bethandana, umngani wami ubengajabule. Ubehlezi ekhala ngokuthi isoka lakhe linesikhwele, ngisho ekhuluma nocingo belimshaya lithi useqomile,” usho kanje.

Isolezwe ngoMgqibelo lithole ukuthi umufi wabizwa yisoka lakhe e-Eastern Cape lithi limtholele umsebenzi lapho nalo lisebenza khona. Bobabili bebesebenza enkampanini esika izihlahla.

UMnuz Nkosingiphile Mbatha, onguninalume kamufi uthe badangele ngokubehlele emndenini. Uveze ukuthi bewumndeni bebazi ukuthi indodakazi yabo ithandana naye umsolwa.

Uthe bafuna kwenziwe ubulungiswa ngokubulawa kwendodakazi yabo.

“Asazi ukuthi lobo bulungiswa buzobe busenzeka yini njengoba naye esezibulele nje. Asazi nokuthi icala lizoqhubeka yini,” usho kanje.

Uveze ukuthi namhlanje bayamfihla uNksz Mbatha ekhaya eMsinga

Isolezwe ngoMgqibelo libuye lathola ukuthi umsolwa kunezinsolo ezithi ubesebenzisa igama ekungelona elakhe. Njengoba kuvele ukuthi ubesebenzisa umazisi kaMfowabo nasemsebenzini ebhalise ngawo.

Imizamo yokuthola amaphoyisa ase-Eastern Cape iphunzile.