UFUNA ubulungiswa umphakathi waseNanda, eMatikwe, ngokudlwengulwa kuphindelelwa kwentombazanyana eneminyaka engu-14. Isithombe: Sigciniwe.
UFUNA ubulungiswa umphakathi waseNanda, eMatikwe, ngokudlwengulwa kuphindelelwa kwentombazanyana eneminyaka engu-14, ezigamekweni ezahlukene ngabesilisa abayisithupha basendaweni.
Ilungu lomphakathi elingathandanga kudalulwe igama lalo, lithe inkinga ingane inokukhubazeka ngokomqondo okwenza kube nzima nokuthi izivikele njengoba abantu bedlala ngayo beyidlwengula.
“Kuyasikhathaza lokhu siwumphakathi ngoba seziningi izigameko ingane idlwengulwa ngabantu abahlukene, nonina oyizalayo akukho akwenzayo ukuyivikela. Kulabo abayidlwengulile, uyedwa osavulelwe icala, naye ungaphandle ngebheyili,” kusho ilungu lomphakathi.
Lithe okubuhlungu ukuthi unina udayisa ngengane njengoba abanye abasolwa abangaboshiwe kusolakala ukuthi ubakhokhisa uR1 000 ukuze bangeke baboshwe.
“Kwaba nomhlangano womphakathi ngesonto eledlule owawubizwe wunina wengane, kukhona nomsolwa nayo ingane. Umsolwa walivuma yena icala lokudlwengula umphakathi ugcwele, ecela noxolo washo nokuthi bebevumelene nengane ngokwenzekile,” kubeka ilungu lomphakathi.
Lithe bewumphakathi bavumelana ngokuthi akavulelwe icala umsolwa aboshwe. Kwathi ngokuhamba kwezinsuku unina wengane wabonakala etshwaleni nomsolwa, sebevumelene ngokuthi umsolwa uzokhokha uR1 000 ukuze angaboshwa.
Unina wengane ongeke adalulwe igama ukuvikela umgilwa, uthe akaze acele muntu ukuthi akhiphe uR1 000 ukuze engeke aboshwe, njengoba waze wabiza umhlangano womphakathi ngesonto eledlule, umsola wazivumela yena ngakwenzile.
“Ngicabanga ukuthi bangaphezulu kwabantu abayisithupha abaseke badlwengula ingane yami njengoba ike ihambe ngingazi nokuthi ikuphi ngoba ikhubazekile ngokomqondo. Ngihlezi ngiyikhuza ukuthi ingaphumeli ngaphandle, ngithi ngiyabona ngezikhathi zantambama, ayisekho endlini,” kusho unina.
Uthe inkinga abhekene nayo ukuthi ingane yakhe ayilaleli, yingakho esethathe nesinqumo sokuthi ihlale nosonhlalakahle njengoba sebeyitholele nendawo ezohlala kuyo.
“Ngibona sengathi ingane yami iyakujabulela okwenzeka kuyo ngoba ngihlezi ngiyikhuza kodwa ayingilaleli. Bangaki abantu engiyobavulela amacala uma iqhubeka nokungezwa? Sengizame konke njengomzali, yingakho sengiyinikele kosonhlalakahle ukuthi bangigcinele yona,” kusho unina.
Uthe ulinde ingane ibuye ezihlotsheni eClermont, ukuze kuzoqhutshekwa nohlelo lokuthi iyohlala nosonhlalakahle, bakwazi nokuthi bayovula amacala okudlwengula ngoba okwamanje usavulele umsolwa oyedwa icala.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Mhlaba Memela, uthe umnyango unezinhlelo eziqinisekisa ukuphepha kwabesifazane nezingane khona eNanda. Uthe kubalulekile ukuthi umphakathi ulekelele ukuze kuzoboshwa izigilamkhuba. Ezigamekweni zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane, kumele kubanjiswane.
“Sizokwenza uphenyo, sibikele nomqondisi waseThekwini ukuze ingane izothola usizo nendawo ephephile engahlala kuyo nosonhlalakahle ngokushesha,” kusho uMemela.
Unxuse umphakathi ukuthi ulekelele ngolwazi ongase ube nalo ukuze kuzonqandwa izigilamkhuba ngokushesha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Nqobile Gwala, uthe icala lidluliselwe kuphiko oluphenya ngamacala odlame emndenini, ukuvikelwa kwezingane namacala ocansi eNanda.
“Kusolwa ukuthi ummangali ngoJanuwari 23, ngabo-8 ebusuku, waqaphela ukuthi indodakazi yakhe eneminyaka engu-14 ekhubazekile ngokomqondo inyamalele, yaze yabuya ekhaya ngosuku oluladelayo ngabo-6 ekuseni,” kusho uLt Col Gwala.
Uthe ngesikhathi ibuzwa ingane ngokunyamalela kwayo, kwatholakala ukuthi ibithathwe wumsolwa owaziwayo owayiyisa lapho ehlala khona, wayidlwengula.
“Umsolwa oneminyaka engu-24 waboshwa, watheswa icala lokudlwengula. Ube esevela naseNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoMashi 24 nonyaka. Wagcinwa esitokisini kusalindwe olunye usuku azovela ngalo enkantolo,” kusho uLt Col Gwala