UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoMdabu uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma Isithombe: Karen Sandison/ANA
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoMdabu uDkt Nkosazana Dlamini Zuma unxusa abantu ukuthi baphawule ngokushintshwa kwemithetho elawula ukubekwa kwezwe ngaphansi kwesimo senhlekelele njengoba sekuphele iminyaka emibili lingaphansi kwalesi simo emuva kokuhlasela kweCovid-19.
UDkt Dlamini Zuma usho lokhu ngesikhathi ekhuluma esithangamini nabezindaba emuva komhlangano weKhabhinethi ngoMsombuluko. Muva nje kwamenyezelwa ukuthi kuyelulwa ukuba ngaphansi kwalesi simo kuze kube u-Ephreli 15.
Echaza uDkt DlaminiZuma uthe isikhungo sabo iDisaster Management Centre sibeluleke ngokuthi iminyango eminingi isiyakwazi ukusebenza ngaphandle kokusebenzisa umthetho iDisaster Management Act.
Uthe yize befuna imibono ngokuthi kushintshwe imithetho kodwa ukukhishwa kwezwe ngaphansi kwalesi simo ngeke kwenzeke nje isigubhukane kudingeka ukuthi kube nohlelo oluthile oluzothatha isikhathi esingaphansi kwenyanga ukuze lesi simo siqedwe ngendlela ehlelekile ngoba iCovid-19 isekhona ayikapheli.
Uthe kunezigaba zeDisaster Management Act ezizobhekwa kakhulu ngalesi sikhathi njengokuthi uma abantu behlangene endaweni evalekile kusafanele bafake izifonyo futhi baqhelelane ngemitha ngaphandle kwezikole, lo mthetho ongasazithinti. Uthe okunye ukuthi uma abantu behlangene endaweni engaphakathi kumele babe ngu-1000 kanti ngaphandle babe ngu 2000 noma u50% wabantu abangamumathwa indawo.
“Lokhu kuka-50% kuhambisana nokuthi abantu baphathe okukhombisa ukuthi bagomile, okungaba isitifiketi sokugoma noma imiphumela abayithole esikhathini esingekho ngaphezu kwamahora angu-72 begomile ekhombisa ukuthi abanalo igciwane,” kusho uDkt Dlamini Zuma.
Uthe isibonelelo sabangasebenzi sizoqhubeka ngokujwayelekile, kuthathwe nezicelo ezintsha kuze kube kuyamenyezelwa uma kuzoba noshintsho.
Ukuvuselelwa kwamalayisensi okushayela nakho kuzoqhubeka kulawo asephelelwe isikhathi.
Le mithetho igazethwe ebusuku kanti abantu banezinsuku ezimbili kuphela ukuthi baphawule ngayo bese iyacutshungulwa. Uma isicutshunguliwe umengameli uyobe esenza isimemezelo okungenzeka asenze ngaphambi kuka-Ephreli 15 obekuhlehliselwe ngawo ukuba kwelaluleli ngaphansi kwesimo senhlekelele. Uthe uma kuhambe kahle kungenzeka isimemezelo zenziwe ngo-Ephreli 5.