AMAPHOYISA nethimba labatakuli bethatha izidumbu zabafana ababili abaminze ebhishi eLaguna, eThekwini Isithombe: Sithunyelwe
KUTHOLAKALE izidumbu zabafana ababili abadlala ibhola lombhoxo, okuthiwa baminze ngeSonto ebusuku, ebhishi laseThekwini.
Laba bafana abebeze emdlalweni webhola lomboxo eThekwini, kuthiwa baphume ehhotela ebusuku ngeSonto, beyobhukuda. Abazange besabuya, kuze kwatholakala izidumbu zabo izolo ekuseni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi kutholwe izidumbu zabafana ababili izolo.
“Kusenziwa uphenyo ngedokodo elivulwe esiteshini samaphoyisa ePoint, emuva kokuminza kwabafana ababili abaneminyaka ephakathi kuka-17 no-18 ebhishi eLaguna, ngeSonto. Izidumbu zabo zitholwe ithimba labatakuli baseThekwini,” kusho uLt Col Gwala.
Isolezwe lithole ukuthi laba abaminzile bebesuka eGauteng, beze emidlalweni yebhola lombhoxo eThekwini.
Okhulumela uMasipala waseThekwini, uMnuz Mswawakhe Mayisela, uthe sikhona isigameko sabaminzile esiphenywa ngamaphoyisa.
“Kutholakale izidumbu ezimbili zabafana abebekade bebhukuda ebusuku, baminza njengoba bebengekho abatakuli basemanzini ngesikhathi kwenzeka lokhu,” kusho uMayisela.
Uthe isidumbu sokuqala sibonwe ngomunye wabasebenzi basebhishi ekuseni, emuva kwalokho, kwatholakala esesibili. Uthe abatakuli basuke bengasekho emabhishi ebusuku ngoba akuvumelekile ukubhukuda ebusuku.