Izindaba

UDJ wodumo uzoshadela esithenjini

Thokozani Ndlovu|Published

UDJ Happygal osekuvele ukuthi uzoshadela esithenjini futhi usekhulelwe ingane yomyeni wakhe Isithombe: INSTAGRAM

UTHOBEKE amanxeba uDJ wodumo okuvele nyakenye ngokuphela kobudlelwano bakhe kwezothando njengoba kuthiwa usezoshadela esithenjini.

Izindaba zikaThuledu “DJ Happygal” Ndlovu waseThekwini, zikhulunyelwa phansi njengoba kuthiwa uzoba ngunkosikazi wesithathu kasomabhizinisi uBonny Ngubane.

Umthombo weSolezwe ngeSonto ongashayi eceleni uthe lo DJ uyaphuphuma yinjabulo njengoba izinto zibukeka zimhambela kahle. Kuthiwa kumanje usekhulelwe ingane yalo somabhizinisi.

“Yinto esixoxwa vele ukuthi uHappygal uzoshadela esithenjini. Naye ubukeka engenankinga kodwa uzama ngayo yonke indlela ukufihla lezi zindaba. Thina esisondelene naye siyazi ukuthi uzama ngayo yonke indlela ukufihla ukuthi ukhulelwe. Usenokugqoka izinto ezinkulu, enze sengathi yisitayela sakhe esisha sokugqoka kanti yimizamo yokufihla isisu. Uma uzoqaphela kahle ngisho eshutha izithombe uma ngendlela yokuthi kungabonakali ukuthi ukhulelwe. Lokho kungenxa yokuthi unguDJ manje unqena ukuthi abantu bazosuke basabe ukumqasha ekubeni usakwazi nje ukudlala kahle uma eqashiwe ngaphandle kokuba nenkinga yize ekhulelwe,” kusho umthombo.

Ethintwa uHappygal akafunanga ukuqinisekisa izindaba zakhe zokuthandana noNgubane nokuthi ukhulelwe.

Kunalokho uvele wathi: “Mfowethu njengoba uthi ngikhulelwe ngicela uzozibonela wena. Nokuthi ngizoshadela esithenjini angazi ukuthathaphi. Engingakusho wukuthi nami ngizalelwa esithenjini akuyona into engiyixwayayo isithembu. Okunye wukuthi kumele wazi ukuthi siyakhula, impilo kumele iqhubeke ,” kusho uHappygal.

Kuthintwa uBonny, uvele wahleka wabuza ukuthi intatheli izithathaphi lezo zindaba.

“Angiphiki futhi angivumi. Engingakutshela khona wukuthi ngenyanga ezayo ngomhla ka 13 ngizobe ngivuselela izifungo zomshado wami njengoba ngizobe ngihlanganisa iminyaka engu-20 ngishadile nonkosikazi wami omdala uMaNdlovu. Nawe ngizokumema uzoba kanye nami emshadweni wami. Uma kukhona ofuna ukukwazi uyokuthola ngosuku lokuvuselela umshado. Uma kukhona okunye okufunayo mayelana nalolu daba ungafika ekhaya uzokhuluma nonkosikazi wami omdala,” kusho uNgubane.

USOMABHIZINISI uMnuz Bonny Ngubane okuthiwa uzoshadelwa nguHappygal Isithombe: FACEBOOK