Izindaba

Uvalo kwanda izigameko zobugebengu emaPosini

Nonhlanhla Mbonambi|Published

IPosi eliseNhlazuka Thusonga Centre eselibanjwe inkunzi okwesibili Isithombe: Sithunyelwe

USUHLALELE ovalweni umphakathi waseNhlazuka, eMid-Illovo, ngenxa yobugebengu obenzeka ePosini elisesikhungweni, Inhlazuka Thusong Centre.

Ilungu lomphakathi elingathandanga kudalulwe igama lalo, lithe bakhathazekile njengoba izigebengu ziphinde zingena ePosini, zibamba inkunzi kodwa kungabibikho izinyathelo ezithathwayo.

“Bese kungokwesibili njengoba kade zingenile ngoLwesithathu ngesonto eledlule, zizobamba inkunzi. Okokuqala bekungonyaka odlule, ngo-Okthoba. Zangena kade kuhola izalukazi, kunabasebenzi basePosini ngezikhathi zasekuseni,” kusho ilungu lomphakathi.

Lithe abezokuphepha akukho abakwenzayo njengoba kunanomahamba nendlwana wesiteshi samaphoyisa kusona isikhungo.

“Kuba nephoyisa elodwa kumahamba nendlwana wesiteshi, okungasiyo into engabe iyenzeka. Ngesigameko sangonyaka odlule, ngesikhathi izigebengu zizobamba inkunzi, iphoyisa elalisebenza ngalelo langa, lazithela kuzo, zalidubula, kwangabandaba zalutho,” kusho ilungu lomphakathi.

Lithe kuba nonogada ababili kuphela abaqaphile okwenza izigebengu zitanase ngoba ezokuphepha aziqinile ngokwanele.

“Bekungakuhle bengeze onogada ikakhulukazi ngezinsuku zokuhola, ukugwema izigameko zokubanjwa kwenkunzi. Okubuhlungu asizwa mkhondo ngalezi zigebengu. Sizizwa singaphephile ngoba ekugcineni bazongenela umphakathi,” kuzikhalela ilungu lomphakathi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, ULt Colonel Nqobile Gwala, uthe likhona icala elivuliwe lokubanjwa kwenkunzi kwebhizinisi esiteshini samaphoyisa eseMid-Illovo.

Okhulumela abasePosini, uMnuz Johan Kruger, uthe ihhovisi lePosi laseNingizimu Afrika, linethimba elivimba ubugebengu, okwamanje lisahlola izigameko zobugebengu emaPosini, kuhlanganisa nePosi lakhona e-Inhlazuka.

“Kuzokwengezwa onogada kuthathwe nezinye izinyathelo zokuphepha. IPosi lisaqhubeka nokuxhumana nethimba lamaphoyisa abhekana nobugebengu obunodlame mayelana nabo bonke ubugebengu basemaPosini,” kusho uKruger.