Izindaba

IPrasa ivundulule izipoki ezingu-3 000 ebezihola ngokugcwele nyangazonke

Mayibongwe Maqhina|Published

UNGQONGQOSHE wezokuThutha kuzwelonke, uMnuz Fikile Mbalula, uveze ukuthi zingu-3 000 izisebenzi eziyizipoki ezivundululwe kwaPassenger Rail Agency of South Africa (Prasa) ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso wokukhuculula inkohlakalo yangaphakathi.

Uthe ePrasa banento ebizwa ngokuthi i-Operation Ziveze. UMbalula uveze lokhu ngesikhathi echaza kabanzi ngezinto ezitholwe yilo mkhankaso emva kokuhambela kwawo amahhovisi ePrasa aseKapa naseGoli ngoJanuwari nangoMashi.

“Lo mkhankaso uvukuze izisebenzi eziyizipoki ezingu-3 000. Lezi zisebenzi zitholwe kundabazabantu wakhona ePrasa,” kusho uMbalula.

Uthe ukukhokhwa kwemiholo yalezi zisebenzi kumiswe nyakenye.

Uthe kusukela kumisiwe ngoDisemba ukuholelwa kwalezi zisebenzi, akukho nesisodwa isisebenzi esike seza ngaphambili ukuzofaka isikhalazo.

“Akekho oze ngaphambili ukuzosho ukuthi umholo wakhe umiswe ngokungafanele. Sibonile ukuthi lokhu bekuwuhlelo lwenkohlakalo oluqhubekayo ophikweni olubhekelela izindaba zabasebenzi (Human Resources Management). Lokhu kubeka ngokusobala ukuthi kukhona umuntu osebenza kulolu phiko ongungqondongqondo ekuntshontshweni kwemali kule nkampani,” kusho uMbalula.

Utshele iScopa ukuthi bazimisele nokuqhubeka nomsebenzi wokukhuculula ePrasa.