Isibhamu esitholwe kobanjwe nempahla okusolwa ukuthi yebiwe eBergville Isithombe: Sithunyelwe
UVELE eNkantolo yeMantshi yaseBergville, izolo, umlisa obanjwe nesibhamu esingekho emthethweni, izinhlamvu nempahla okusolwa ukuthi yebiwe.
Amaphoyisa aseBergiville, ngoLwesibili, athole ulwazi ngomlisa obonakale obephethe impahla okusolakala ukuthi intshontshiwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Nqobile Gwala, uthe umlisa utholakale emgwaqweni oseduze neFarmlee Save, eseBergville.
“Ngesikhathi eseshwa utholakale ne-duvet, isikhwama semali esiqukethe amakhadi amaningi, imali nomazisi okungowomunye umuntu,” kusho uLt Col Gwala.
Uthe uphinde watholakala ne-amplifier abezama ukuyidayisa endaweni. Amaphoyisa aqhubekile nokumsesha kwatholakala nesibhamu esinezinhlamvu ezimbili, abesifihle ngaphansi kwejakhethi abeyigqokile.
“Umsolwa oneminyaka engu-30, uboshiwe ngamacala okutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, izinhlamvu nempahla eyebiwe,” usho kanje.