Umphakathi weseMahlabathini uvale umgwaqo ubhikishela ukuvalwa kwesibhedlela iSt Francis Isithombe: Sithunyelwe
UTHUKUTHELE wavala umgwaqo umphakathi waseMahlabathini ngokungasebenzi kwesibhedela, iSt Francis, esoLundi.
Lo mphakathi uvale umgwaqo uR66, ophakathi koLundi noNongoma, kusuka ngoMsombuluko ebusuku kwaze kwaba izolo befuna izimpendulo kungqongqoshe woMnyango wezeMpilo ngokuthathwa kwezinsiza kusebenza zesibhedlela somphakathi.
Ilungu lomphakathi, uMnuz Sfiso Ntombela, lithe bakhathazekile ngesibhedlela njengoba umonakalo kuso waqala ngo-2013 kuya ku-2014.
“Ngo-2017 umphakathi waba nesiteleka esigunyaziwe, saba nomhlangano nenhloko yomnyango ephethe izibhedlela kodwa sangabibikho isisombuluko. Sesikhathele izethembiso eziningi kungabibikho nesisodwa abasifezayo. Sesikhathele ukubikela imenenja yesifunda ngoba akukho abakwenzayo, sesifuna ungqongqoshe womnyango nondunankulu wesifundazwe,” kusho uNtombela.
Uthe kumanje akusebenzi lutho esibhedlela, iziguli azikwazi ukungena, ayikho i-OPD, odokotela nazo zonke izinsizakusebenza. Abantu bahamba amabanga amade ukuze bathole usize njengoba sebeya eNkonjeni kodwa sibe sikhona isibhedlela somphakathi.
Okhulumela abasebenzi besibhedlela, uMnuz Wilson Mbatha, uthe umphakathi usulubekezelele kakhulu lolu daba yingakho bavele bazibambela ngokwabo isitekela, babona izimpendulo zomnyango zingabanikezi ithemba.
Ngeledlule bekubhikisha abasebenzi ngayo le nkinga yesibhedlela.
Uthe abantu bayaqhubeka nokuhlukumezeka ngoba muva nje omunye obesezoteta uphoqeleke ukuthi ahambe ibanga elingango-2km ukuze afinyelele eNkonjeni.
“Yizona zonke lezi zinto ezithukuthelisa umphakathi ngoba ubona sengathi umnyango awulusukumeli udaba ngokufanele, bazizwa bengabalulekile kuHulumeni,” kusho uMbatha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi amalungu omphakathi wase-Amashona, eMahlabathini, avale umgwaqo u-R66, ophakathi koLundi noNongoma, ebhikisha. Uthe bebevale umgwaqo ngamatshe nangezihlahla, beshisa namathayi. Amaphoyisa asiqaphile isimo.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela uMnyango wezeMpilo ungakayiphenduli imibuzo othunyelelwe yona ngalolu daba.
Ngeledlule iNhloko yoMnyango, uDkt Sandile Tshabalala, iphawula yathi ininga ukuthi ithimba labaphathi alikho kulesi sibhedlela. Wathi kuzobhekwa ukuthi yiziphi izinguquko ezizokwenziwa njengoba nongqongqoshe wezempilo eke wayosibheka isimo ngaphambilini.