Izindaba

Kukhalwa ngothisha abaphuthaza abafundi

Nonhlanhla Mbonambi|Published

UMZALI ufuna uMnyango wezeMfundo ubathathele izinyathelo othisha basePark Hill Secondary, abasolwa ngokuhlukumeza abafundi ngokubaphuthaza. Isithombe: Facebook

UMZALI ufuna uMnyango wezeMfundo ubathathele izinyathelo othisha basePark Hill Secondary, abasolwa ngokuhlukumeza abafundi ngokubaphuthaza, babathinte izitho zangasese uma bebheka amaselula njengoba engavumelekile emagcekeni esikole.

UMZALI ufuna uMnyango wezeMfundo ubathathele izinyathelo othisha basePark Hill Secondary, abasolwa ngokuhlukumeza abafundi ngokubaphuthaza. Isithombe: Facebook

Omunye wabazali, uthe sekuphele amasonto amathathu ingane yakhe ingasafundi emuva kokuthatha isinqumo sokuyikhipha esikoleni ngenxa yokuphuthazwa othisha bebheka iselula.

“Ngiyawuhlonipha impela umthetho wesikole ukuthi umfundi akavumelekile ukungena neselula. Inkinga indlela eya esikoleni icezile, nomalume bezimoto abafinyeleli kuso yingakho ngacela unogada wesikole ukuba agcine iselula yengane, iyithathe uma sekuphuma isikole ukuze izokwazi ukubiza imoto ezoyigodukisa,” kusho umzali.

Uthe noma sekunjalo, ingane yakhe ibiphuthazwa nabanye abafundi, amantombazane athintwa namabele nezitho zangasese bebheka amaselula othisha ababili besilisa njalo ekuseni ngaphambi kokuthi bangene emagcekeni esikole.

“Awukho umthetho othi umntwana uma ebanjwe neselula wenziwanjani noma kubikelwe umzali, kunalokho bancamela ukuhlukumeza izingane zethu.

“Okubuhlungu ingane yami ayikaze ibanjwe neselula, bahamba labo thisha bayopequlula ihhovisi likanogada bathatha iselula esetshenziswa ingane ukubiza imoto ezoyigodukisa. Yasala dengwane ingane ngalolo suku, ikhala ingazi ukuthi izogoduka ngani,” echaza.

Uthe wabikelwa unogada ukuthi akazolanda ingane. Uma ebuza ngeselula, wathola ukuthi ithathiwe kodwa ingane ayikaze yabanjwa nayo.

“Ngakusasa ngacela kuthishanhloko ukuyikhipha ingane esikoleni, nokuthi bangibuyisele iselula abayithathile. Kumanje ingane ihleli ekhaya amasonto amathathu ayifundi, isalele emuva emsebenzini wesikole. Angikwazi ukuyibhalisa kwezinye izikole ngoba ePark Hill abafuni ukuyikhipha kwi-system, neselula bayigodlile bathi ngiyoyithola uma kuqala ithemu yesibili,” kusho umzali.

Uthe baningi nabanye abazali abakhala esifanayo nabafundi bebefuna ukushisa isikole muva nje ngenxa yokuhlukunyezwa. Uthe bayafisa ngempela umnyango ulusukumele lolu daba.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwesigungu sabazali iSGB, ayiphumelelanga njengoba zigcine zingatholakalanga izinombolo zaso.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe ngaphandle kokungabaza akavumelekile neze okwenziwa yilabo thisha. Ihhovisi lesifunda lizobikelwa, kwenziwe uphenyo.

“Kulicala elibovu ukuhlukunyezwa kwabafundi ngokobulili. Sizolubika udaba ehhovisi lesifunda laseMlaza, uma kutholakala ubufakazi ngalokhu okwenzeka kulesi sikole, bazothweswa icala othisha abahlukumeza abafundi,” kusho uMlotshwa.