Izindaba

Ababhodlokelwe yibhuloho balinde umnyango ungenelele

Nonhlanhla Mbonambi|Published

AMALUNGU omphakathi afaka amatshe lapho kade kunebhuloho elibhodlokile khona, belekelelwa ngabasebenzi bohlelo lwe-EPWP Isithombe: Sithunyelwe

BAHLELI emakhaya abafundi nabasebenzi kulandela ukubhodloka kwebhuloho eNdunwana, esigodini saseNgoba, eBergville.

Ikhansela lomphakathi, uMnuz Zamlandela Khumalo, lithe selokhu ibhuloho libhidlike ngoMgqibelo, ngenxa yemvula enamandla, umphakathi uthwele kanzima. Abafundi abakwazi ukuya esikoleni, othisha abakwazi ukuwelela ngaphesheya, kanjalo nabasebenzi bakamasipala kabakwazi ukuya emsebenzini.

“Izingane ezifunda eSenzokwethu Primary, eDidima Primary naseMswazini High, zithinteke kakhulu, azikwazi ukuwela ziye ezikoleni zazo ukuyofunda. Nabasebenza ezitolo ezikhona lapha eBergville, bavalelekile. Ngisho i-ambhulensi ayikwazi ukuwela iyothatha umuntu,” kusho uKhumalo.

Uthe ngeSonto, kuke kwazanywa ukulungiswa ngoba kunesimo esibucayi, i-ambulensi ingakwazi ukuwela, kunomuntu odinga usizo oluphuthumayo lwezempilo.

“Sikhulumile noMnyango wezokuThathu KwaZulu-Natal, wasithembisa ukuthi uzokwazi ukusilekelela kodwa kubonakala sengathi uthatha kancane kakhulu, ngoba kade ngilokhu ngibika. Emva kweside isikhathi, ngibone abasebenzi basemnyangweni be-Expanded Public Work Programme (EPWP), kungekho ngisho imishini, bephethe amatshe kuphela,” kuchaza uKhumalo.

Uthe umphakathi yiwona oziqalele ngokufaka amatshe.

“Umnyango awulithatheli phezulu lolu daba ekubeni kuthikamezeka imfundo yezingane. Ukube ngabelungu ababhekene nenkinga efanayo, ngabe sekukhona okwenziwe okubonakalayo. Minyaka yonke sinenkinga eyodwa, ikakhulukazi ehlobo uma kuna imvula,” kusho ikhansela.

Ilungu lomphakathi, uNksz Nokuthula Shabalala, lithe umphakathi yiwona osuzibambele ngokufaka amatshe ulekelelwa ngabasebenzi be-EPWP abasuka kwezokuThutha.

“Balekelela ngokuvele sikwenza siwumphakathi. Lonke leli isonto abezokuThutha, bahlezi bethembisa ukuthi bayeza kodwa lutho ukufika. Asazi noma bafuna kuze kubekhona ominzayo ngaphambi kokuthatha izinyathelo,” kusho uNksz Shabalala.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Thuba Vilane, uthe njengoba kade kunezikhukhuyla muva nje yikona okudale ukuthi ibholoho libhodloke, kodwa bathumele ithimba lokuthi liyobheka isimo.

"Akusiyona iBergville kuphela ebhekene nalenkinga, ziningi nezinye indawo ezikhahlanyazwe izikhukhula. Umnyango uzosilungisa isimo uma sekubhekwe zonke izindawo ezikhalamezekile."

AMALUNGU omphakathi ezama ukuwela emfuleni emuva kokubhodloka kwebhuloho eBergville Isithombe: Sithunyelwe