UCONSTABLE Thobeka Phungula, umkhuzi wamaphoyisa eKZN uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, uConstable Siphamandla Khambule, emqhudelwaneni wokugijima eBlue Lagoon eThekwini, lapho bekugqugquzelwa umkhankaso wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane Isithombe: Nqobile Mbonambi
AMAPHOYISA agqugquzela umphakathi ukuthi ubambisane nawo, kuliwe nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane KwaZulu-Natal.
Lokhu akusho izolo ngesikhathi egijima emkhankasweni wokulwa nodlame lobulili, abeholwa nguMkhuzi wamaphoyisa esifundazweni, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi. Abomthetho bagijime amabanga ahlukene besuka eBlue Lagoon, bagcina e-Ushaka Marine, benxusa umphakathi ukuthi ubike ngodlame.
ULt General Nhlanhla Mkhwanazi, uthe inhloso yomqhudelwano wokugijima ukugquqguzela abantu besilisa ukuthi bazame ukuvikela abesifazane nezingane ngoba izinga lodlame luya ngokwenyuka kuleli zwe, ikakhulu KwaZulu-Natal.
“Njengoba sigijima nje sigqugquzela umphakathi, sikhipha namapheshana sibaxwayisa ngalokhu okwenzakalayo. Siphinde sigqugquzela namaphoyisa esisebenzisana nawo, avikela emgwaqweni namasosha ukuthi aqine. Azijwayeze ukuzivocavoca nokuziqeqesha ukuze bakwazi ukulwa nobugebengu,” kuchaza uLt Mkhwanazi.
Umkhuzi wamaphoyisa eKZN uqhube wathi bafisa umyalezo womkhankaso ufinyelele kwabaningi, wathi akumele abantu bathule uma abantu besilisa behlukunyezwa ngoba nabo banelungelo lokubikela amaphoyisa.
“Sinxusa abantu ukuthi bawabikela amaphoyisa amacala anjengokudlwengulwa nokushaywa. Uma iphoyisa lingazimisele ngokukusiza uma uyobika udaba, libike kumphathi walo. Abaphathi besiteshi, abaphathi besifunda nehhovisi lesifundazwe bakhona ukuthi bakusize,” kweluleka uLt Mkhwanazi.
Uthe abantu bamukelekile ukuxhumana nehhovisi lesifundazwe kuzona zonke izinkundla zokuxhumana ukubika ukungasebenzi kahle kwamaphoyisa.
“Njengamaphoyisa asilukhuthazi lolu hlobo lobugebengu. Yingakho sibone kubalulekile ukuthi singaze silinde izinsuku eziwu-16 zokulwa nokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane, kodwa kube yinto yansuku zonke,” kuchaza uLt Mkhwanazi.
UMnuz Sthembiso Ntombela, weTactical Responce Team ezinze ePietermaritzburg, uthe okubalulekile ngomqhudelwano wokugijima ukuthi kukhuzwe umkhuba wokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
“Ake sibambisane sisonke, silwe nalesi sihlava esibi. Sikhuthaza kakhulu abesilisa ukuthi abasiyeke lesi sifo, makube yithina esivikela abesifazane,” kweluleka uNtombela.