AMALUNGU omphakathi abebhikishela ukuqokwa kwenduna yowesifazane endaweni yaseGulube, eMid-Illovo Isithombe: Sithunyelwe
ATHUKUTHELE amalungu omphakathi aseGulube, eMid-Illovo, ngokuqokwa kwenduna yesifazane, akhala ngokuthi akuyona eyasendaweni.
Lokhu akuveze ngesikhathi ebhikisha izolo, efuna uNkk Zinhle Makhoba ehle esihlalweni njengoba ethi ambona engakufanele ukuthi abahole.
Ilungu lomphakathi, uMnuz Sphamandla Mbanjwa, lithe inkosi iphakamise umuntu wesifazane ukuthi abe yinduna futhi ungumuntu osewaganela kwenye indawo, ongasalona ilungu lomphakathi, yingakho engeke akwazi ukubahola.
“Akusiphathi kahle neze okwenzekile ngoba induna kuba wumuntu ophakanyiswa wumphakathi ngentando yeningi, akasekho esigodini soSuthu, njengoba washadela eMbumbulu,” kuchaza uMbanjwa.
Uthe nanoma ngabe inkosi iyona eqoka induna kodwa nabo njengomphakathi benelungelo lokuyikhetha induna efanale.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwenkosi ayiphumelelanga ngoba izinombolo zayo zigcine zingatholakalanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuthi besikhona isiteleka ebesinodlame endaweni yaseGulube, eMid-Illovo. Uthe alikho ilungu lomphakathi elilimele noma umonakalo owenzekile kulo mbhikisho.