Izindaba

Abahlengikazi bafuna singavalwa isibhedlela i-St Francis

Nonhlanhla Mbonambi|Published

Abahlengikazi besibhedlela i-St Francis esoNdini bebhikishela ukuvalwa kwesibhedlela Isithombe: Sithunyelwe

ABAHLENGIKAZI besibhedlela i-St Francis esisoLundi, bafuna singavalwa siqhubeke nokusebenza njengoba sekuthathwe izinsiza kusebenza nodokotela abelapha iziguli.

Lokhu bakuveze ngesikhathi bebhikisha ngenhloso yokuthi kusizakale amalungu omphakathi asesele dengwane.

Umhlengikazi uNksz Skhulile Buthelezi, uthe bakhathazekile ngendlela abaphethwe ngayo uMnyango wezeMpilo ngokucekela phansi lesi sibhedlela esisanda kulungiswa.

“Kumanje asisebenzi, bafuna kuvalwe isibhedlela. Sesizame kaningi ukucela umhlangano nomphathi wesifunda nenhloko yomnyango. Yonke imizamo yethu bayishaya indiva,” kusho uNksz Buthelezi.

Uthe kuqale kwathathwa izinto zokusebenza, okubalwa kuzo izindlu ezingomahamba nendlwana, ama-ambulensi, nomtholampilo wabakhulelwe ngaphandle kokuxhumana nabasebenzi nomphakathi.

“Sebevale zonke izinsiza kusebenza kube kunabantu abagulayo, nodokotela abaqashwe ngaphansi kweSt Francis basebenzela iNkonjeni kodwa isibhedlela sinomphakathi omningi odinga usizo lodokotela. Umphakathi usunengcindezi yokuhamba amabanga amade ukufinyelela ezibhedlela,” kusho uNksz Buthelezi.

Uthe abasebenzi bakhona bakulungele ukusebenza kodwa abakutholi ukulekelelwa ngosizo lokuphathwa. Abanye abahlengikazi bavuka ekuseni bezohlala usuku lonke bengenawo umsebenzi.

UMnuz Buhle Mathabela ongomunye wabahlengikazi, uthe bafisa isibhedlela sibuyele esimeni ebesiyiso.

“Umbhikisho ulandele eminingi imizamo , kade kubhalwa izincwadi zingaphendulwa. Sidinga indlela eya phambili, sibikelwe nabaphathi ukuze siqhubeke sisebenze lesi sibhedlela okuchithwe izigidigidi zamarandi kuso,” kusho uMathabela.

Okhulumela abasebenzi uMnuz Wilson Mbatha ukhala ngokuthi kuthiwa abantu abangasizwa, mabahambe bayothola usizo kwezinye izindawo kodwa bekhona abahlengikazi abazimisele ngokusebenza.

“Kusiphatha kabuhlungu ukuthi umnyango awufuni ukungenela ngoba kade ubikelwa kodwa akukho abakwenzayo,” kusho uMbatha.

Inhloko yoMnyango wezeMpilo, uDkt Sandile Tshabalala, ithe bayazi ngenkinga ebhekene nesibhedlela i-St Francis osekuneminyaka bezama ukuyixazulula.

“Akukona ukuthi isibhedlela sizovalwa, inkinga alikho ithimba labaphathi okumele liphathe liphinde libhekele isibhedlela. Kunohlelo lapho kubhekwa khona ukuthi yiziphi izinguquko ezizokwenziwa njengoba noNgqongqoshe wezeMpilo eke wayosibheka isimo saseSt Francis, kuzothi uma sesikhishiwe isinqumo kubonakale lapho ukuthi ithini inqubekela phambili,” kusho uDkt Tshabalala.

Uthe ngeke aphawule kakhulu ngokuthathwa kwezinto zokusebenza, kulindwe ungqongqoshe akhiphe isinqumo.