Izindaba

Kusolwa ukubuya kukagesi ngamandla kusha

Zimbili Vilakazi|Published

zisale zimnyama izindonga zesitolo esiseRoof Top KwaMashu ngesikhathi kuqubuka umlilo okusolwa ukuthi udalwe ukubuya ngamandle kukagesi Isithombe: Bongani Mbatha: African News Agency /ANA

KUSOLWA ukubuya kukagesi ngamandla kusha ingxenye yezitolo eziyindawo yobumnandi ezaziwa ngokuthi iRoof Top kwa-D, KwaMashu izolo.

Umnikazi wale ndawo, uMnuz Nhlonipho Mkhize, uthe kube yinhlanhla ukuthi basheshe bawunqanda umlilo obungase ucekele phansi zonke izitolo ezikule ndawo.

zisale zimnyama izindonga zesitolo esiseRoof Top KwaMashu ngesikhathi kuqubuka umlilo okusolwa ukuthi udalwe ukubuya ngamandle kukagesi Isithombe: Bongani Mbatha: African News Agency /ANA

Ngokusho kukaMkhize, indawo eshile ituck shop.

“Sisola ukuthi umlilo udalwe ukubuya ngamandla kukagesi ngoba ubukade ungekho kusukela ngabo-7 ebusuku ngoMgqibelo,” kusho uMkhize.

Uthe emva kokubuya kwawo ngezikhathi zasekuseni izolo, babone sekunentuthu etuck shop, egcine isikhipha amalangabi, yasha yonke impahla ebiphakathi.

Phakathi kwezitolo ezisindile indawo edayisa ukudla okuvuthiwe neziphuzo ezibandayo, indawo yokucwala izinwele, i-internet cafe, ibottle store nebhusha.

Akulimalanga muntu kulesi sigameko kanti kulezi zitolo ezingashanga, umsebenzi uqhubekile.