Izindaba

URamaphosa ucela i-UN ingenelele empini ese-Ukraine

Siyabonga Mkhwanazi|Published

UMENGAMELI wakuleli, uMnuz Cyril Ramaphosa, uhlabe ikhwelo wanxusa uMkhandlu wezokuPhepha ngaphansi kwe-UN, ukuba ungenelele ekuxazululeni impi ese-Ukraine.

URamaphosa uthi asikho isidingo sokuthi kubulawe abantu uma kungahlalwa phansi kuboniswane. Utshele isithangami sombuthano wezomthetho ngoLwesihlanu, ukuthi kumele i-UN ingenelele inqande impi ephakathi kwe-Ukraine neRussia.

Uqhube wathi, i-UN ayikwazi ukuhlala isonge izandla ekubeni zikhona izindlela zokuthula ezingasetshenziswa, ukunqanda impi. Wathi ukholwa ukuthi uma kungaba nezingxoxo, nokubonisana kungalawuleka okwenzeka e-Ukraine, futhi kuphele.

Ngokusho kukaRamaphosa, ngenxa yempi, sekubulawe abantu kwalimala nengqalasizinda yezwe.

“Le ndlela yokulamula ebizanywa ibonakala iphelelwa ngamandla. Siyayibona impi eqhubekayo e-Ukraine. Ngingasho nje ukuthi lokho kuwukungqubuzana okufanele kulalunyulwe ngokuxoxisana kanjalo nangokubonisana. Kasikho isidingo sokuthi abantu baye empini kulimale nenqalasizinda yezwe njengoba kwenzeka manje. Kufanele amazwe omhlaba angenelele, ikakhulu umkhandlu wezokuphepha we-UN,” kuphawula uRamaphosa.