BAVELE eNkantolo yeMantshi yaseVerulam, izolo, abalisa ababili ngamacala okubanjwa bephethe izibhamu nezinhlavu okungekho emthethweni ePhoenix.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa asePhoenix, athole umbiko ngomlisa onesibhamu esingekho emthethweni. Ithimba lamaphoyisa libe seliphuthumela endaweni yaseSouthbury, ePheonix, lapho linqande khona imoto ebihamba umsolwa.
“
Ngesikhathi amaphoyisa ebheka emotweni, kutholakale isibhamu i-9mm nezinhlamvu ezingu-36. Umlisa oneminyaka engu-46, ngesikhathi ebuzwa ngelayisense yalesi sibhamu, unikezele amaphoyisa ilayisense okungesiyona eyakhe,” kusho uCol Mbele.
UCol Mbele uthe umlisa uboshiwe wase wagcinwa esitokisini ngokubanjwa ephethe isibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
“Ithimba lamaphoyisa liphinde lathola umbiko ngesinye isibhamu esingekho emthethweni emgwaqweni ofanayo. Amaphoyisa amise imoto acinga ngaphakathi, kwatholakala esinye isibhambu i-9mm nezinhlamvu ezingu-37,” kusho uColonel Mbele.
Uthe umlisa oneminyaka engu-22 uboshiwe ngokutholakala ephethe isibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.