UVELE eNkantolo yeMantshi yaseVerulam umlisa osolwa ngokushayela edle amponjwana.
Kuthiwa imoto yakhe ishayise enye imoto ebimile emarobhothini, kwadaleka ingozi kwimpambanamgwaqo u-Ottawa (R102).
Okhulumela abezimo eziphuthumayo enkampanini yonogada ezinze eVerulam i-Reaction Unit South Africa, uMnuz Prem Balram uthe, ngesikhathi befika endaweni yesigameko ngezikhathi zantambama ngoLwesithathu kutholakale iToyota Corolla emhlophe ishayiseke ngaphambili ime phakathi komgwaqo.
“Kusolakala ukuthi umshayeli weToyota Corolla emhlophe onqunywe izinyawo ,ubeshayela edle amanzi amponjwana kanti nabagibeli abathathu abebengaphakathi emotweni bebedakiwe,” kusho uBalram.
Uthe iToyota Corolla ibihamba ibheke kwimpambanamgwaqo lapho ifike yashayisa khona i-Renault Triber ebomvu ebimile erobhothini libomvu.
“Umlisa obeshayela kutholakale ukuthi udakiwe, uboshwe amaphoyisa ngesikhathi emthola endaweni yesigameko. Akekho umgibeli olimele kuzona zombili izimoto,” kusho uBalram.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele uthe, bayakuqinisekisa ukuthi umlisa oneminyaka engu-28 uboshwe amaphoyisa aseVerulam ngamacala okushayela edle amanzi amponjwana nokuzama ukubulala.
“NgoLwesithathu ngabo-7 kusolakala ukuthi umsolwa obeshayela emgwaqweni u-Ottawa (R102) emarobhothini aseVerulam ubehamba nentombi yakhe ngesikhathi kuqubuka ingxabano phakathi kwabo. Umshayeli ube esevula isicabha somgibeli imoto ihamba waphusha owesimame emkhipha emotweni,” kusho uColonel Mbele,