Izindaba

Umphakathi uhlalele ovalweni ngenhlwathi

Nonhlanhla Mbonambi|Published

Umphakathi uhlalele ovalweni ngenxa ngenhlwathi. Isithombe: Pixabay

UMNDENI wendoda okusolwa ukuthi yangwinywa yinhlwathi esigodini saseMphendleni, eMandeni, ufisa abasebenza ngezilwane zasendle babalekelele ukunqanda le nyoka. Kusolwa ukuthi isiyiqedile imfuyo futhi ilimaze namalungu omphakathi.

Kuthiwa uMnuz Mkhubeni Nsele, wayeyokukha umango esihlahleni, ezodlulela phambili ayobona umzala wakhe efuna umuthi wokuthoba. Kusolakala ukuthi wahlangabezana nenhlwathi ehlathini.

Ilungu lomndeni uNkk Phumzile Makhoba, lithe uMkhubeni waphuma endlini ngoMsombuluko Febhuwari 1, namathuluzi engumuntu oyokukha umango futhi ehlele ukudlulela esihlobeni. Kuthe uma kuphela usuku engabuyi baqala ukukhathazeka ngoba babemlindele ukuthi abuye ntambama.

“Saqala ukumthungatha kodwa lutho ukumthola. Nangosuku olulandelayo saqhubeka nokumthungatha saze sabona kukuhle ukuthi sibikele amaphoyisa ukuthi asifunise ngoba sasesizame konke,” kuchaza uNkk Makhoba.

Uthe amaphoyisa afika nezinja ezithungatha abantu abalahlekile, izinsuku ezimbili baqhubeka nokufuna umlisa kodwa akatholakalanga.

“Amaphoyisa asitshela ukuthi uma eginywe yinhlwathi ngeke kube lula ukuthi atholakale ngoba nezinja ezisizayo ngeke zikwazi ukufunisela ngomkhondo, zimthole lapho engakhona. Sagcina singasizakalanga,” kusho uNkk Makhoba.

Uthe abazange baliponse ithawula, baqhubeka njengomndeni bamfuna, kwathi ngosizo lomunye ubaba okwaziyo ukubheka abalahlekile, bagcina bemtholile.

“Samthola ngoFebruwari 10, ehlathini sisalandela umkhondo wamathuluzi ahamba ewaphethe. Sathola isidumbu sakhe ehlathini sesonakele, okusolakala ukuthi wagwinywa yinhlwathi yabuye yamhlanza ngoba isidumbu sasinobulwembu ngasekhanda,” kusho uNkk Makhoba.

Uthe bafisa ukuthi itholakale inhlwathi ngoba abazizwa bephephile, bakhathazekile ngokuphepha kwezingane uma zihamba endaweni enamahlathi.

Okhulumele abakwaWildlife, uMnuz Musa Mntambo, uthe uma isimo sikanje kubalulekile ukuthi umphakathi uma uyibona inyoka ungachithi sikhathi, uthinte umbabi wezinyoka noma ihhovisi lezemvelo eliseduze nabo.

“Uma kwenzeka beyibona inhlwathi kumele baphuthume bathinte abakwaWildlife, bazobe sebefika nombambi wezinyoka ayithathe. Sixwayisa umphakathi ukuthi bahambe ngababili, ukuze basizane uma behlangabezana nenkinga. Bagweme futhi ukuhamba endaweni eyihlathi,” kweluleka uMntambo.