Izindaba

Ungawuvumeli umhlume ukuvimbe ekutheni chaphasha kuvuthondaba

Intatheli YeSolezwe|Published

WONKE umuntu oya ocansini akeneli uma engafiki kuvuthondaba. Uvuthondaba wumkenenezo womuzwa ongachazeki, okushaqa kugijime ugesi emzimbeni wonke, empeleni uzizwe sewukhuluma ushwashwada amagama amnandi kuthi memeza, unanela umkenenezo osusingethe umzimba wakho wonke, ungathi iziqu zoboya ziyaphefumula, zishaya indesheni zibonga Ongabonwayo.

Omunye ungoti wayethanda ukuthi, okumnandi ngokujulile kuvuthondaba yisikhashana esiyimizuzwana ngaphambi kokuthi uyothi chaphasha kuvuthondaba. Wayethi uyabona ukuthi ayikho into ongeke uyithembise. Kubalulekile uma senizwa seniya khona, ukungaxhamazeli uze ugeje isitebhu esiya khona; yiba yinono uziqhenye ngento yakho. Ukwenza lokhu ngoba phela uyazi ukuthi ushukumisa kuphi nakuphi kanjani, angithi ufuna wonke umzimba uvume ingoma eyodwa ukuze kuthi lapho nifika khona kuzwakale ngo-Ameni onanelisa izihosha. Pho sivumelani ukuthi kube nezithiyo ezenza singafiki entweni emnandi kangaka, ewuvuthondaba?

Ngiyazi kukhona abantu bakithi abasha nabadala abangakaze baluthi mbibi kuvuthondaba. Kukhona abantu besifazane asebeze bahamba emhlabeni bengakaze bawazi lo mkenenezo! Siyivumelani into ebuhlungu kangaka? Kukhona esebaze bavuma, bazitshela ukuthi vele into engeke yenzeke kubo.

Yini sizovumela imicabango enjalo? Okumele sikwenze ukubuza umbuzo othi, yini eyenza singakwazi ukufikisana kuvuthondaba, mina nomlingani wami? Yini sizovumela abesilisa bazitike ngovuthondaba kuthi wena wesifazane ungaluthi mbibi khona?

Ake sibuke izimbangela eziphambili ezisivimba kuvuthondaba:

Kunomuntu wesilisa osheshe akhafule, ongakwazi ukuzibamba ngenxa yesifo umhlume. Kube nowesilisa ongazi ukuthi ukuze owesifazane afike kuvuthondaba kumele induku okanye lokho abakusebenzisayo kufakwe kuphi nakuphi futhi nkanjani, uyinkinga. Ngikhuluma ngowesilisa ongafuni ukutshelwa afundiswe, ovele abe ngu “xumbu, xumbu”, angakhohlwa yena eshaya into ephezulu necokeme.

Lokhu akuhlangene nomhlume isifo kodwa kunokwenza nenkani yabantu besilisa engingazi ukuthi batshelwa ngubani ukuthi bangochwepheshe bocansi ekubeni benolwazi olunhlakanhlaka. Empeleni kuvame ukuba ngabantu besifazane abanolwazi oluvuthiwe lwajula ocansini kunabo.

Umlingani wesifazane ongasenayo intshisekelo yocansi, omizwa yakhe esekuqaleni komgudu wesifazane esiphundulekile. Kulesi simo owesifazane usuke esenza nje ucansi, futhi sekunzima ukuthi afike kuvuthondaba. Imbangela yalokhu kuphinde futhi kube yiwo umhlume wansondo.

Ukuphunduleka kwamagumbi angasekuqaleni komgudu wesifazane ngenxa yokungafiki kwegazi elanele endaweni enemizwa ezwela kakhulu. Asikhumbule lapha ukuthi enye yezindawo engasekuqaleni komgudu yisivivanyana okuthiwa yi G-spot. Ngiyacela siphinde sikhumbuzane ukuthi iG-spot yiyona ndawo okuthi uma ikitazwe kahle yinduku yowesilisa okanye kungaba noma yini enikhetha ukuyisebenzisa endaweni yenduku. Isikhathi esiningi umuntu wesifazane umuzwa esebubula, akuthakazele, akubuke emehlweni omunye kube ngathi uyacimeza, umuzwe esevevezela, esehlanganisa amathanga; ubone nawe ukuthi seziyokweqa uMaliyethe, ziphokophele kuvothondaba.

Abesifazane abavula imilenze kakhulu, ungazi ukuthi ugengelezi ongaka owani? Induku isiyozithola isiphakathi kule ndawo, izindonga okumelwe zithintwe yiyo sezikude le. Owesimame owaziyo ukuthi wenzani, uvula imilenze ngesikhathi esifanele, aphinde ayibuyise njalo njalo.

Ingcindezi ebuchosheni, ukungazethembi kudlala imbangela enkulu, kodwa asizukungena kukho namhlanje.

Kuyacaca uma ubuka ngenhla, umhlume udlala indima enkulu kuvuthondaba ikakhulu ukungafinyeleli kulo. Lapha ngikhuluma ngobhontshisi onciphayo kwabesifazane, izindebe zangaphakathi nendawo esekuqaleni somgudu esizoshodelwa yigazi, induku engaqini, induku eshesha ikhafule, induku engavuki, induku ekushiya endleleni, induku enciphayo nomzimba ohlale ukhathele kungavumi nje amalunga onke.

Sesikhulume kakhulu ngokudlule sathi umhlume uyelapheka okumele sikwenze ukuya kodokotela bethu siyothola ukwelashwa. Masikhumbule, sithe kumelwe kwelashwe imbangela, umsusa wawo umhlume; hhayi ukugijimela izimpawu isiphethu singaziwa.

Mpilonde!