Isithombe: Simphiwe Mbokazi/African News Agency(ANA)
IMeya yoMkhandlu waseGoli, uDkt Mpho Phalatse, ithi ukugqekezwa kwamahhovisi oMkhandlu waseGoli, wumkhuba womuntu oyedwa.
Lokhu kulandela ukuboshwa kowesifazane obanjwe oqotsheni ne-khompyutha nama-hard drive emahhovisini omkhandlu. Yize kuseyindida ukwebiwa kwama-khompyutha kulo mkhandlu njengoba kungaqali ukwenzeka kodwa uphenyo lwamaphoyisa kulindeleke ukuba luphume nezimpendulo.
Lo wesifazane kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseHillbrow maduze kulandela ukuboshwa kwakhe izolo.
Okhulumela amaphoyisa eGoli, uLieutenant Colonel Mavela Masondo, uthe lona wesifazane (37) oboshwe ngamaphoyisa asesiteshini iJohannesburg Metro, ubhekene namacala amathathu okukhona kuwo, elokugqekeza ebhizinisini, ukungena endaweni ngokungemthetho nelokubanjwa nempahla yokwebiwa.
“Uzovela eNkantolo yeMantshi yaseHillbrow engakapheli amahora awu-48. Phakathi kwezinye izinto ezisazophenywa wukuthi lona wesifazane uyathinteka yini kulawa amanye amacala okugqekezwa koMkhandlu waseGoli enzeke phambilini?” kusho uMasondo.
U-Dkt Mpho Phalatse, uthe uthole ucingo ngo-2 ekuseni, bemazisa ukuthi kunomsolwa ngaphakathi ebhilidini.
“Ngokusho konogada bethu, umsolwa ubanjwe oqotsheni,” kusho uPhalatse.
Uthe lesi sigameko akusona esokuqala kulo nyaka, njengoba ngoJanuwari 24, kwabonakala omunye wesifazane kumakhamera e-CCTV.
“Ngaleso sikhathi, ama-khompyutha awu-50 athathwa, kwantshontshwa nama-hard drive. Akuzange kucace ukuthi inhloso kwakuyini? Kubukeka sengathi umuntu oyedwa lona owenza lo mkhuba,” kusho uPhalatse.
Uqhube wathi ngo-2020, kwaba khona icala elabikwa kodwa ngebhadi akubanga khona sigwebo esakhishwa, nalapho akuzange kucace ukuthi yini imbangela yalokho?
“Siyathemba ukuthi kulokhu, ubulungiswa buzokwenziwa.”
Uthe emva kokuzwa ngesigameko unikele khona, wamfica lona wesifazane, kanjalo nesikhwama ebesinama-hard drive nezinye izinto.
“Kulokhu ubegqekeze ehhovisi le-IEC, kanti bekunama-khompyutha abesebekwe phansi. Okwamanje asiqondi ukuthi lezi zigameko zombili zihlobene kanjani?” usho kanje.