Izindaba

Indida ngokutholakala kwe-anaconda eyalahleka ePhoenix

Jolene Marriah-Maharaj|Published

Kube nesidididi ngesonto eledlule kuvela izindaba zokuthi itholakele inyoka eyanyamalala lapho ivalelwa khona ePhoenix, eThekwini.

Ngesonto eledlule kwavela imibiko ethi itholakele le nyoka yohlobo lwe-Anaconda Medusa, kodwa kuze kwaqinisekisa umnikazi wayo ngeSonto ukuthi uyitholile.

Ebuzwa ngalokhu, uPreesan Nair (24), uthi watshelwa abezomthetho ukuthi inyoka yakhe itholakele ngesonto eledlule.

“Ngithole umbiko kwabezomthetho othi le nyoka itholakele ngesonto eledlule. Angishongo ukuthi mina sengiyitholile.”

Lokhu kuvele ngemuva kokuthi kube nowesifazane oveze ukuthi le inyoka ayizange itholakale ngesonto eledlule, kodwa ngeSonto ngaphandle kwendlu kadadewabo.

“Kungani lo mfana aqamba amanga ethi inyoka itholakale eStarwood, ePhoenix, kube kungenjalo. Kubi ukuthi abantu baqambe amanga emphakathini. Asinandaba nokuthi iyisilwane esifuywayo noma cha. Isengalimaza izingane ezingenacala. Sifuna ukwazi ukuthi kungani esiqambela amanga.”

NgoMsombuluko ntambama, uNair uqinisekise ukuthi le nyoka ibonakale endaweni eqhele ngo-150m nomuzi wakhe osePhoenix, endaweni engasasetshenziswa muntu, ngeSonto.