Izindaba

Umukluzwe wavaleka iso evikela udadewabo

Sanele Ndlovu|Published

UNOMCEBO Zungu obhokodwe ngumlisa obeshela udadewabo futhi efuna ukuqonywa ngenkani Isithombe: Sithunyelwe

ULIMELE kanzima owesifazane obevikela udadewabo (14) obevinjezelwe yibhungu elineminyaka ewu-19, limshela ngenkani.

UNksz Nomcebo Zungu (31) wasoLundi, eMahlabathini, usale emabokoboko evaleke neso ngemuva kokushaywa ngumsolwa u-Asanda Cele (19), okuthiwa ungowaseGoli, ubevakashele isihlobo. Kuthiwa leli bhungu belifuna intombazane (14) iliqome ngenkani ngaleso sikhathi, futhi limsabisa ngommese, lithi uzombhokoda ngawo enyameni.

UNOMCEBO Zungu obhokodwe ngumlisa obeshela udadewabo futhi efuna ukuqonywa ngenkani Isithombe: Sithunyelwe

Kuthiwa ngesikhathi udadewabo ezama ukungenelela, ebuza ukuthi leshela kanjani uma ligqabula ummese? Kuthiwa ibhungu livuke umbhejazane, lathi akagudluke ngoba alesheli yena.

“Uvele wayekela udadewethu, waphendukela kumina. Wangishaya, wangibhuquzisa phansi,” kuchaza uNksz Zungu

UNksz Zungu uphuthunyiswe esibhedlela iNkonjeni, elimele kanzima emzimbeni neso livalekile. Lo msolwa ube esevulelwa icala lokushaya nokulimaza esiteshini samaphoyisa eMahlabathini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Col. Nqobile Gwala usiqinisekisile isigameko, wavuma ukuthi icala livuliwe.

“Singakuqinisekisa ukuthi kukhona icala lokushaya nokulimaza kanzima emzimbeni elivuliwe esiteshini samaphoyisa eMahlabathini, emuva kokuba kuqubuke ingxabano phakathi komsolwa nowesifazane obehamba nodadewabo,” kuchaza uLt. Col. Gwala.

Uqhube wathi umsolwa uboshwe ngosuku lwesigameko. Umsolwa usagciniwe esitokisini kodwa uvele enkantolo yemantshi eyobingelela ngoLwesine, kulindeleke ukuthi aphinde ayovela futhi maduzane.