UZandile Mafe osolwa ngokushisa iPhalamende. Isithombe : Phando Jikelo/African News Agency(ANA)
UBUYELE enkantolo namuhla umnuz Zandile Mafe, osolwa ngokushisa iPhalamende, lapho kuzokhishwa khona isinqumo ngesicelo sakhe sebheyili.
IMantshi ifunde iziphakamiso ezenziwe izinhlangothi zombili ngesikhathi kufakwa lesi sicelo.
Phambilini uMshushisi uMnuz Mervyn Menigo, wayeshaya phansi ngonyawo ethi uMafe akufanele nhlobo anikwe ibheyili ngoba uMbuso unecala eliqine ngokwanele. Amacala athweswe uMafe aqine kakhulu futhi aqiniswa wubufakazi.
“Izinsolo ezibekwa umsolwa ziyaphatheka futhi ziqinile,” kusho uMenigo.
Kuvele ukuthi uMafe wathenga uphethroli egaraji eBellville, wasebenzisa wona ukuze ashise iPhalamende ngamaphepha nangamabhokisi,” kusho uMenigo.
UMenigo wathi akusiwo umsebenzi woMbuso ukuthi unikeze ubufakazi bokuthi uMafe kumfanele yini ukunikwa ibheyili?
Wathi ubufakazi obuqoshwe kwi-video buyamthinta uMafe.
“Lapho engivumelana khona nommangalelwa ukuthi isicelo sebheyili akufanele siqule icala ngaphambi kokuqala kwecala lobugebengu. Kodwa uMbuso unombono wokuqala othi umsolwa unecala ngakho ngenza isethulo sokuthi angayinikwa ibheyili,” kusho uMenigo.