Zihlafuna zijeqeza izakhamuzi zasePhoenix kweqa i-anaconda. Isithombe: Gareth Carter
Zihlafuna zijeqeza izakhamuzi zasePhoenix ngemuva kokuba i-anaconda efuywayo yeqe endaweni ebiyelwe kuyo kuleli sonto.
Umnikazi uthi le nyoka engenabuthi yeqe endaweni ebiyelwe isikhashana kuTroy Street.
Ngokusho kwabe-Reaction Unit South Africa (Rusa), le nyoka yeqe lapho ebibiyelwe khona eStarwood, ePhoenix enyakatho yeTheku.
"Inyoka yesifazane emnyama nobuphuzi ingabopha kalula amakati nezinja," kusho inhloko yakwaRusa, u-Prem Balram.
UPrem unxuse abantu ukuthi bathinte amahhovisi abo ku-086 1234 333 uma beyibona le nyoka. Abahlali bangashayela ku-082 605 9530