UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, obebhodla umlilo ecasulwa ukungenzi kahle kobuholi baseLimpopo Isithombe: Doctor Ngcobo/ANA
IQEMBU le-Economic Freedom Fighters (EFF) lihlakaze ubuholi baseLimpopo ngenxa yokungenzi kahle okhethweni lohulumeni basekhaya ngonyaka odlule.
Le nhlangano ilahlekelwe yizihlalo ezingu-25 zemikhandlu ngoNovemba.
Umholi wale nhlangano, uMnuz Julius Malema, uveze lokhu esithangamini sabezindaba kwelomkhulu lenhlangano eWinnie Mandela House. Uthe leli qembu likuthathele phezulu ukwehla kwamavoti nezihlalo eLimpopo.
“Okhethweni olwedlule amavoti anyuke kuphela ngayinkulungwane nokwakuyizinkomba zokuthi babhajiwe futhi kwakumele singenelele ngaleso sikhathi,” kusho yena.
Uthe inhlangano yakhe izosebenzela ukwakha kabusha zonke izinhlaka zezoMthethosisekelo futhi izonxenxa amalungu ezingqungqutheleni zezifundazwe.
Owayengusomlomo kazwelonke, uMbuyiseni Ndlozi nomxhumanisi waseLimpopo uRebecca Mohlala, bazojutshwa esifundazweni njengethimba elizokwakha kabusha izinhlaka. Owayengumgcinimafa weqembu, u-Leigh-Ann Mathys, uzoba yingxenye yethimba.