Izindaba

Ibukeka isekude ukuphela ekaZuma noZondo

Sihle Mavuso|Published

Owayengumengameli wakuleli uJacob Zuma. Isithombe: Sigciniwe

IMPI yezomthetho ephakathi kowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, nalowo oyinhloko yamaJaji ebambile, uRamond Zondo, ibukeka isekude ukuphela.

Sekuvele ukuthi emasontweni ambalwa andulela ukuthi uZondo anikezele ngengxenye yokuqala yombiko weKhomishini ebiphenya ngokuLawulwa koMbuso yiDlanzana, kukhona amaphepha afakwa wuZuma eNkantolo eNkulu, iNorth Gauteng ezinze ePitoli, ngoDisemba 10, nyakenye. Emaphepheni, uZuma ubehlela ukwenza inkulumo-mpikiswano ekholelwa ukuthi uZondo waqokwa ngokungekho emthethweni ukuba abe wusihlalo wekhomishini.

UZuma, ogama lakhe lihamba phambili kwingxenye yokuqala yombiko, uphakamisa ukuthi wonke amasamanisi, iziqondiso nezinqumo ezenziwe wuZondo ngesikhathi enguSihlalo weKhomishini, zithathwe njengezingekho.

UZuma uvula icala ngokuveza ukuthi uZondo usebenzise budlabha izihlinzeko zomthetho ngesikhathi efaka isicelo esimphoqa ukuthi azothula ubufakazi bakhe ngaphambi kwekhomishini.

Uthi le ndlela yokuziphatha uma kuziwa ngakuye, yayichemile.

Uphinde wathi lokhu kuziphatha kukaZondo odabeni lokuvela kwakhe ngaphambi kwekhomishini, kudinga ukuthi kuphoselwe inselelo.

“Angifuni ukuthi kuzwakale sengathi ngiphikisana nokuthi kwenziwe uphenyo mayelana nezinsolo zenkohlakalo, ogama lami nalo liyathinteka kuzona,” kusho uZuma.

Uthi usakholelwa namanje ukuthi uZondo wayenenkinga naye ngqo, yingakho wala waphetha ukuba ashenxe kwesokuba wusihlalo ngesikhathi efaka isicelo sokuthi enze lokho.

“Ngiyakholewa ukuthi usihlalo wayehlose mina nje futhi akuzange kungithuse ukuthi waba nesibindi sokusishaya indiva isisekelo sehhovisi lokwahlulela, waphula izifungo zakhe ukuze aqhubeke nokwenza okuphambene nobulungiswa kimi,” kusho uZuma.

Uthi okwenziwa wuZondo emva kokuba engavelanga ngaphambi kwekhomishini njengomyalelo, kwaba ukusebenzisa amandla akhe ezomthetho ngendlela engafanele.

Emaphepheni, uZuma uthi akawafaki enkantolo ngoba ewafaka nje kodwa ukuqonda kahle ukuthi kungaba nemiphumela enjani kuleli lizwe.