ABASEBENZI bezempilo basesibhedlela iDongsan Hospital eDaegu, eSouth Korea, bezilungiselela ukuhlola iziguli ezilaliswe kulesi sibhedlela ngemuva kokuba nezimpawu zegciwane iCorona Isithombe: Sigciniwe
UKWEHLA kwezibalo zabahaqwa iCovid-19 kuleli akusho ukuthi umphakathi sekumele ukhululeke.
Lokhu kushiwo uSolwazi Barry Schoub wekomiti eleluleka ongqongqoshe ababhekele iCorona kuleli, iNational Coronavirus Command Council (NCCC), othe ukwehla kwezinga lokutheleleka kwabantu ngaleli gciwane kube ngaphansi kuka-20% akusho ukuthi izibalo seziyehla abantu abalinde amasonto ambalwa kubonakale kahle.
USolwazi Schoub uthe iCorona igciwane elizishintshashintsha njalo ngakho akumele ukuthi ngalokhu kwehla okukhonjiswe izibalo zakamuva ezikhishwe isikhungo esibhekele izifo ezithathelanayo, iNational Institute for Communicable Diseases (NICD), ngoMsombuluko sithi seziyehla izibalo kumele silinde kancane sibone ukuthi izibalo ezilandelayo zithini. Kubhekwe nokuthi mhlawumbe kungenzeka ukuthi abantu abahlolwayo behlile.
"Likhona ithemba kokuthi kungenzeka ukuthi izibalo seziyehla okungasho ukuthi sesiyaphuma esiwombeni sesine sokuhlasela lwaleli gciwane kodwa kumele sithi ukulinda amasonto ambalwa ngaphambi kokuthi siqinisekise ngoba kusengenzeka noma yini," kusho uSchoub.
Izibalo zakamuva ezikhishwe iNICD zikhomba ukuthi bangu-3 232 abantu abasha abahaqwe yiCovid-19 kuleli, okuholele ekutheni babe ngu- 3 475 512 abantu abahaqwe yileli gciwane kuleli. Ababulawe yigciwane selokhu laqala kuleli ngo-2020 bangu- 96857.
Bangu- 28 million abantu bakuleli abagomele iCovid-19, kubo u60% ngabantu abaneminyaka engu-60 kuya phezulu.
Related Topics: