Izindaba

Usedlulile emhlabeni uDesmond Tutu

Mcebo Mpungose|Published

Archbishop Desmond Tutu

USEDLULILE emhlabeni u-Archbishop Desmond Tutu, owaba ngumbhishobhi wokuqala omnyama eWestern Cape. Izindaba zokudlula kukaTutu, obeseneminyaka ewu-90, ziqinisekiswe wumengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ngeSonto ekuseni.

Bese kunesikhathi engena ephuma ezibhedlela uTutu, kanti uke wahlaselwa nayisifo somdlavuza phambilini, kodwa akukadalulwa ukuthi uthathwe yini.

UTutu uzokhunjulwa ngamagalelo akhe empini nohulumeni wobandlululo kuleli. Ngo-1984 wathola indondo yeNobel Peace Prize ngemizamo yakhe yokuqeda ubandlululo.

Ezinkundleni zokuxhumana abantu badlulise amazwi enduduzo emndenini wakhe, abanye bamkhumbula ngemisebenzi yakhe.