UMQONDISI we-Innovative Technology Solutions, uMnuz Sihle Gumbi, okhulume neSolezwe ngokubaluleka kwe-computer science ezikoleni Isithombe: Sithunyelwe
UMQONDISI wenkampani ye-Information Technology (I.T) esizakhele igama eThekwini, i-Innovative Technology Solutions, uthi kufanele ugotshwe usemanzi umuthi, izingane zifundiswe i-computer science emabangeni aphansi ezikoleni eNingizimu Afrika.
UMnuz Sihle Gumbi, ongowokudabuka eManguzi kodwa osehlala eGlenwood, eThekwini, ufisa ukubona intsha yakuleli ifakwa kwezobuchwepheshe ingakafiki ezikoleni zamabanga aphezulu njengakwamanye amazwe.
“Kumele abafundi baqalwe besaneminyaka ephansi ukufundiswa nge-computer science. Uma ubuka amazwe anjengoChina, ebalwa namazwe ahamba phambili kwezobuchwepheshe, izingane ziqala ukufunda ukubhala i-code kusukela zineminyaka ewu-11, ngoba umqondo usuke usemusha, usafundiseka kalula,” kuchaza yena.
Uthe ubhubhane iCovid-19 luphoqe amabhizinisi amaningi ukuthi afunde izindlela zokuxhumana namakhasimende nge-digital nokwenze sakhula isibalo samabhizinisi asesebenzisa le ndlela ukuxhumana namakhasimende awo.
“Ukwanda kwezinkampani ezidinga ukwakhelwa ama-website, ama-app nokunye kuwandisile umsebenzi, inselelo ebesibhekene nayo nje ukuthi izinkampani zifuna izinto ezingafani ngakho bekudingeka ukuthi sihlale phansi nebhizinisi ngalinye sithole ukuthi lidingani,” kusho uGumbi.
Uthe kuzoba nomthelela omuhle ukufudukela kwamabhizinisi akuleli kwi-digital ngoba kuwaxhumanisa namakhasimende akuzo zonke izindawo futhi kwenza atholakale kalula uma umuntu ewadinga.
Ngaphandle kokugxila kwi-computer science, uGumbi muva nje uthi usanda kuqinisa umsebenzi awenzayo ngokuthola i-license yokushayela i-drone, athatha ngayo izithombe nama-video kodwa uthi kuningi okunye okungenziwa ngayo.
“Uma ufisa ukungena emkhakheni wama-drone (drone pilot) kumele uzimisele futhi uzinikele ngoba akusiniswa mahleza kodwa kuningi okuzuzayo uma usune-license. Esikhungweni engangifunda kuso nje kumele uthole u-70% kuzo zonke izivivinyo ukuze uphase. Awushodi umsebenzi kuma-drone ngoba sesibheke esikhathini lapho ukusetshenziswa kwawo kukhula nsuku zonke. Kuningi okwenziwa ngawo njengoba esetshenziswa yizinkampani zonogada, kwezokuthutha nakwezolimo.”