Izindaba

UZuma ukhwela adilike kuRamaphosa encwadini

Samkelo Mtshali|Published

UMNUZ Jacob Zuma nendodakazi yakhe uDuduzile. Isithombe: Twitter

OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnuz Jacob Zuma usekhwele wadilika kuMengameli Cyril Ramaphosa wathi selokhu athatha izintambo eminyakeni emine edlule, izwe alicaci ukuthi liyaphi.

UZuma ukuveza lokhu encwadini yakhe iJacob Zuma Speaks ethulwe ngempelasonto.

Indodakazi kaZuma uDuduzile ithe sekunesikhathi uZuma ehlela ukubhala le ncwadi emuva kwengqungquthela ye-ANC yaseNasrec yangoDisemba 2017 wathi ziningi ezinye ezizolandela.

KwiTwitter kaDuduzile, ufake isigatshana lapho uZuma ebhale khona ngokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo okungomunye wemigomo eyathathwa yi-ANC kule ngqungquthela.

“Ukuma angaguquki endabeni yomhlaba yikhona okwenza lo mgomo waphasiswa kule ngqungquthela. Kodwa sekuphele iminyaka emine lo mgomo awukafezeki.”

Le ncwadi iveza ukuthi noma kungakhalwa ngokugasela kweCovid-19 kuleli, kodwa uRamaphosa udonsa izinyawo ekutheni lo mgomo uphase.

“Kuze kwaba namakhomishana ngaphansi kukaRamaphosa azama ukuvimba le ndaba yomhlaba. Izwe ngaphansi kukaRamaphosa akucaci ukuthi liyaphi, odabeni lomhlaba, indlala, ukungalingani,” kusho le ncwadi.

Ethula le ncwadi uZuma, uthe ziningi izinto ezingelona iqiniso ebezivezwa ngobekwenzeka.

Uthe kubalulekile ukuthi umphakathi wazi ukuthi kwenzekani wathi akusizi ukwakha izindaba ngoba unengqalasizinda yokwenza lokhu.

“Kuningi okushiwo ngoMengameli Jacob Zuma, okumbeka ngendlela engeyona. Lokhu bekwenziwa ngabomu, kuzanywa imizamo yokuguqula umlando wakhe. Le ncwadi ihlose ukuveza amaqiniso.”

Ngale ncwadi ababhali baveze ukuthi abazami ukuphakamisa uZuma kodwa ukuyekela umfundi azinqumele yena ukuthi ikuphi okuyiqiniso nemisebenzi yakhe ayenzile kunokuthi kuthenjelwe ezintweni ezingamampunge, ezakhiwe.

“Le ncwadi ifike ngesikhathi kukhulunywa amampunge ngeminyaka eyisishiyagalolunye eyalahleka kuleli ngaphansi kukaZuma.”