Izindaba

Mazivuselelwe izinkontileka zeBRT: Sabrata

Boniswa Mohale|Published

ABAFUNI ukuphelelwa yizinkontileka osomatekisi abasebenza ohlelweni lweBR. Ibhasi leRea Vaya BRT liguduza eProtea, eSoweto Isithombe: Matthews Baloyi

BAFUNA uhulumeni avuselele izinkontileka zabo zokusebenza kwiBus Rapid Transit System (BRT), osomatekisi abasengcupheni yokuphelelwa yisinkwa emuva kweminyaka ewu-12.

Lezi zindaba zidalulwe izolo esithangamini sabezindaba yiSouth African Bus Rapid Transit Association and Academy (Sabrata), eGoli.

USihlalo weSabrata uMnuz Andile Peter, uthe babhalele umnyango wezokuThutha nohulumeni bewucela ukuthi ungazinqamuli izinkontileka zosomatekisi abayingxenye yohlelo lweBRT, ezifundazweni ezihlukene.

Uveze ukuthi eGoli, osomatekisi abayingxenye yohlelo lweRea Vaya BRT basalelwe yizinyanga eziyisithupha, ngaphambi kokuthi izinkontileka zabo ziphele bese kukhangiswa ithenda.

“Uma uhlelo seluya kwithenda, kungenzeka ukuthi itholwe ezinye izinkampani. Okusho ukuthi osomatekisi bazophelelwa yisinkwa, kulambe nemindeni yabo. Uhulumeni kufanele angaziqedi izinkontileka kodwa azivuselele ngoba ekuqaleni akazange akhangise ithenda kodwa wasicela ukuthi singene kulolu hlelo,” kuchaza uPeter.

Uqhube wathi kwadingeka ukuthi osomatekisi balahle izimvume zabo zokusebenza, badedele namatekisi abo ayopitshizwa ukuze babe yingxenye yeBRT.

“Osomatekisi sebeziphilisa ngokuba yingxenye yeBRT, abanawo omunye umsebenzi. Uma bekhishwa kulolu hlelo ngenxa yokuphela kwenkontileka emuva kweminyaka ewu-12, kusho ukuthi bazoba yingxenye yezinkumbi zabantu abamnyama abaswele umsebenzi nendlela yokuziphilisa. Akufanele kwenzeke lokhu. Uhulumeni kufanele angaziqedi izinkontileka zabo kwiBRT. Sizoya ngisho enkantolo yomthethosisekelo uma engazimisele ngokusilalela,” kusho uPeter.

Ukhale ngokuthi osomatekisi abakaze basizwe wuhulumeni ngesikhathi bezisungulela imboni yamatekisi, kube sekufika uhlelo lweBRT kuthiwa luzobahlomulisa kodwa uma kuphela izinkontileka kusho ukuthi lolu hlelo luzobahluphekisa.

Ngonyaka ozayo uPeter nethimba leSabrata, bazohambela izifundazwe ezinohlelo lweBRT okubalwa neTheku, lapho uhlelo lweGO! Durban luhlehliswa njalo ukuba luqale.

Uthe inhloso yokuhambela izifundazwe wukuzwa ukuthi osomatekisi babhekene naziphi izingqinamba kulolu hlelo. Ubuye waveza ukuthi osomatekisi akufanele bahlomule ngemali eyenziwa ngamabhasi eBRT kodwa kufanele bathole okuthile nangezikhangiso ezenziwa wuhlelo, izinkontileka zokuqapha nezokuhlanza iziteshi namabhasi.

Ugcizelele ukuthi ngesikhathi uhulumeni elwethula wakubeka kwacaca ukuthi luzohlomulisa osomatekisi ngakho kufanele bazuze ngayo yonke indlela.